Kusuke isidumo kugasela oKlebe eYadini

2017-02-12 11:00

Durban - Kusuke isidumo, kwancane indawo, kwaphazamiseka nokusebenza kugasela uphiko lwamaphoyisa oKlebe, luhambisana nawe-SAPS, endaweni yobumnandi edumile eThekwini eYadini Lounge, eMlazi, eningizimu yeTheku, ngoLwesine emini.

Ngokuthola kweLANGA LangeSonto, oKlebe bagasele kule ndawo ngemuva kokuba bencinzwe indlebe ngabathile kule ndawo kasomabhizinisi uJabulani "Mjey" Nzama, kudayiswa izidakamizwa ezithukuswe ndawana thizeni ngaphakathi.

Kuthiwa bebetshelwe ukuthi ungomunye wabadayisi bezidakamizwa abaseqophelweni eliphezulu.

Amalungu alolu phiko okuthiwa agasele kule ndawo kubikwa ukuthi abeqhamuka eMpumalanga Province.

Kuthiwa kuphoqeleke ukuba ivalwe okwesikhashana le ndawo ngesikhathi kusuka isiphithiphithi. Bangene kule ndawo bavala amasango, kwacishwa nomsakazo obudlala, abantu abebekhona beyoshisa inyama babuyiselwe eceleni, bahlaliswa ndawonye bayalelwa ukuba banganyakazi, bangazithinti nezingcingo zabo kuze kuqedwe ukwenziwa kophenyo.

Ngokuthola kwaleli phephandaba kumnikazi wale ndawo uMjey naye obekhona ngesikhathi kwenzeka lokhu, oKlebe bafike bamkhombisa incwadi ebagunyaza ukuthi babheke indawo yakhe yonke ngezinsolo zokuthi ufihle izidakamizwa kuyo.

OLUNYE UDABA:UKhuzwayo ulaxaze iBafana, wabonakala ezijuxuza eMlazi

Uthi bafike bathatha ucingo lwakhe, mqede bayalela izisebenzi zakhe ukuthi zingathinti lutho oluwucingo, zime nokusebenza kuze kube amaphoyisa ayaqeda ukupakatula le ndawo.

"Anginankinga nokufika kwamaphoyisa azobheka indawo yami uma kukhona akuzwile okungalungile ngoba enza umsebenzi wawo. Engikhala ngakho nje wukuthi abantu badlale ngamaphoyisa bawatshele into engekho ahambe ibanga elide kangaka ehambela into engekho, achithe isikhathi sawo engabe aqhubeka nokwenza eminye imisebenzi ebalulekile.

Abantu abaningi bayazi ukuthi angihambisani nendaba yezidakamizwa, futhi ngenza nesiqiniseko ukuthi onogada bami bayaqinisekisa ukuthi abantu abazisebenzisi izidakamizwa uma beseYadini," usho kanje.

Uqhube wathi ngesikhathi oKlebe bepeketula ngaphakathi endaweni yakhe kulimale amakhamera ezokuphepha angaphakathi ebhilidini, kodwa uthi akanankinga nalokho.

"Bese ngize ngasayina ukuthi akukho lutho oluphukile. Ngize ngabona (umonakalo kumakhamera) ngemuva kwesikhathi, sebehambile. Azikho izinyathelo engizozithatha ngalokho ngoba amakhamera alimele yinto engingakwazi ukuzilungisela yona.

Kuzongidlela isikhathi sami uma ngingaqala phansi ngithi ngifuna bawalungise," usho kanje uMjay egcizelela ukuthi izidakamizwa akazidingi endaweni yakhe ngoba akahambisani nazo.

Uthi amaphoyisa abethole ukuthi ungomunye wabadayisi bezidakamizwa abasezingeni eliphezulu, abadayisela osomabhizinisi abancane. Uthi abeyalelwe ukuthi lezi dakamizwa uzigcina kwelinye lamagumbi ngaphakathi eYadini.

Okhulumela oKlebe eMpumalanga Province, uCapt Dineo Sekgotogi, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi oKlebe bebencinzwe indlebe ukuthi kunenqwaba yezidakamizwa ezithukuswe kule ndawo. Uthi oklebe abatholanga lutho futhi akuboshwanga muntu

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C High level clouds. Mild. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-24°C Showers late. Broken clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 19-26°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...