Kusolwa utshwala kubhuntsha uhambo lweDistruction Boyz

2018-01-14 12:00

Durban - Lubhintshe kabuhlungu uhambo oluyingqayizivele lwabashayi begqomu baseThekwini abasematheni kulezi zinsuku.

IDistruction Boyz esanda kuhlukanisa unyaka eziteshini ezahlukene zemisakazo okubalwa kuzona uKhozi FM, ihlulekile wukuya emcimbini wokuklonyeliwa kwamaciko obizwa ngokuthi yiSoundcity MVP Awards Festival, obuseLagos, eNigeria ngoLwesihlanu kusihlwa.

Kulo mcimbi leli qembu linqobile emunxeni weBest Group lahlabana ngendondo kanti omunye umculi obuye nendondo nguCassper Nyovest kwiBest Hip Hop.

OLUNYE UDABA:BUKA: IDistruction Boys ithi kuzobe kungomunye phezu kumunye kuhlukaniswa unyaka

Imithombo yeLanga LangeSonto esondelene naleli qembu ithi ngoLwesihlanu ebusuku elinye ilungu laleli qembu lihambe laya estudi eFraotainment, liyosebenza, lafike lagonxa utshwala kwaze kwasa.

Kuthiwe libuye likhathele ngoLwesithathu ekuseni ngesikhathi obekumele kuhanjwe ngaso.

"Okungiphatha kabi wukuthi laba bafana bebezobe beya okokuqala eNigeria kodwa akusenzekanga lokho. Ngaphandle kwalokho bebezobe bemukela indondo yabo yokuqala ngqa," kuchaza umthombo osondelene nabo.

"Ngabe kungcono ukube nginalo izwi kubona, bengizobabonisa ukuze bengaphambuki ngoba umphakathi usezwa ngabo okwamanje kanti uma usuphumile kubona uzobakhohlwa," kuqhuba umthombo.

ULindo Buthelezi owaziwa ngoDogg Dbn osebenza naleli qembu, ukuqinisekisile ukuthi libhuntshuli uhambo kodwa wangafuna ukuphumela obala ngesizathu.

"Kumele ngabe sisuke ngoLwesithathu ekuseni kodwa akwenzekanga. Ngeke ngande kakhulu ngoba akusizona umsebenzi wami ukuphawula, ungafonela bona," kushjaya uDogg Dbn ngamafuthi.

Omunye wamalungu aleli qembu, uThobani "Que" Mgobhozi, uzwakalise ukuphoxeka okukhulu ngokwehluleka kwabo ukuya kulo mcimbi abebemenywe kuwona.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...