Kusolwa nodaba lwamabolobo ngokuqothwa komndeni eKZN

2017-10-05 17:53

Durban - Simuncu isimo eMbangweni eMatimatolo, eGreytown, emuva kokuba kuqothwe ngenhlamvu imindeni emibili yakwaSibiya kuyona le ndawo maqede yangqongqiswa ngomlilo ngoLwesibili ebusuku.

Kulesi sigameko - sokubulawa kwabesifazane ababili bandawonye nabazukulu babo - kushone abantu abayisi-8 kanti owesi-9 ubesesibhedlela.

Kulesi sigameko kushone uSindisiwe Sibiya (61), uThembeka Sithole (13), uLondeka Sithole (9), uLindo Sithole (8), uZiyanda Sibiya (2), uNanazi Sibiya (58), u-Asenathi noSdudla abebephuthunyiswe esibhedlela.

Kuthiwa kusihlwa ngehora lesi-9 kuhlaselwe uNkz Sindisiwe Sibiya nabazukulu bakhe - bebeyisihlanu endlini, basha baphelela khona lapho endlini. UNkz Nanazi Sibiya yena udutshulwe wangqongqiswa nabazukulu bakhe abathathu okuvela ukuthi ababili bashonele esibhedlela kanti oyedwa wabo usesimweni esibucayi esibhedlela.

Ngokuthola kweLANGA, uSindisiwe noNanazi bakhelene futhi bayalamana. Kuzwakale izibhamu ziqhuma amahlanga amaningi kwabe sekubonakala ngomlilo emizini yabo.

Ngesikhathi kubonakala umlilo, umphakathi unikele khona wafika kwaSindisiwe sebeshiswe bonke bashona kanti kwaNanazi bekusashone yena kuphela. UMnu Fanozi Shak okhulumela umndeni - ongumfowabo wabafi - uthi ufonelwe yizakhamuzi zimtshela ukuthi sekwenzeke isigameko esifana nalesi, kwazise yena akahlali eMbangweni ngenxa yomsebenzi.

OLUNYE UDABA: Uvulele ngenhlamvu ebhekisi kubafundi ebebebhikisha

"Abazibonele bathi bazizwile izibhamu ziqhuma kodwa bazitshela ukuthi lokhu kwenziwa ngabantu abakhonze ukuganga. Kayikho nengxabano esiyaziyo endaweni," kusho uMnu Shak.

"Laba bantwana ababili abashonele esibhedlela bese sisibi kakhulu isimo kubona. Singajabula uma amaphoyisa engawenza umsebenzi wawo batholakale abenzi bale nto," kusho uMnu Shak.

Kuthiwa umlilo ubunamandla ungalawuleki kanti nezicishamlilo zifike sekonakele kakhulu. Isizathu sokubulawa kwale mindeni kasikaziwa kodwa kunemibiko engaqinisekisiwe ethi kunendodakazi yomunye wabafi (uSindisiwe noNanazi) ibilotsholwe eMsinga, maphakathi neKwaZulu-Natal, kwaba nombango wokuthi isoka belifuna izingane zalo kanti umndeni wakwaSibiya ubungafuni nazo.

Ebuzwa uMnu Shack ngalezi zinsolo, uthe akanalo ulwazi ngelobolo mhlawumbe kulotsholelwane ngasese.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt uNqobile Gwala, uthe icala livulwe esiteshini samaphoyisa eMatimatolo mayelana nalesi sigameko.

Uthi kusaphenywa, kasikaziwa isizathu sokubulawa kwale mindeni. Imizamo yokuthola uMnu Kwanele Ncalane okhulumela ungqongqoshe wezokuvikelwa komphakathi KwaZulu-Natal, uMnu Mxolisi Kaunda, kayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala luze lube nesilokozane - imiyalezo belungayithathi.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...