Kuqolwe umdlali owaduma kwiChiefs

2017-02-10 16:01

Johannesburg - Kuqolwe umdlali owaduma kwi-Kaizer Chiefs ethenjiswa umsebenzi mbumbulu kwiFree State Stars edlala kwi-Absa Premiership, kubika iphephandaba ILANGA.

USteven ‘Bhatata” Ncanana, oke wadlalela iChiefs, usanda kudedelwa yiThanda Royal Zulu ehlezi esicongweni kwi-First National Division (NFD). Kuthiwe akekho ezinhlelweni zomqeqeshi uRoger Sikhakhane.

Izigilamkhuba zisebenzise leli thuba ukumqola u-R1 500 zimthembisa umsebenzi kwiStars.

Iphephandaba lithintwe nguPhilani “Silwane” Mkhize ngoLwesibili kusihlwa, ongusomaqhinga kuThongathi FC egijima kwi-SAFA KwaZulu-Natal ABC Motsepe League, esesikhumulweni sezindiza iKing Shaka International, ecela ukuba limbuzele kuRansie Mokoena ukuthi unalo yini ulwazi ngokubizwa kukaNcanana ukuzojoyina ezakhe.

OLUNYE UDABA: UBenni uyazithemba ngokuqeqesha iPirates

Iphephandaba lithinte uMokoena wakhuza umhlola ethi akamazi nakumazi uNcanana.

Libe selibuyela kuMkhize olikhulumise noNcanana okhale wazithulisa ethi zimqolile izigilamkhuba.

Kuthiwa uNcanana unikeze izigilamkhuba imali zamthembisa ngokumthengela ithikithi lebhanoyi nokuthe uma efika esikhumulweni sezindiza bamchitha, kuthiwa izinombolo zalo zingumbumbayi.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...