Kuqhume induku bejabulela uShenge

2017-01-23 11:31

Durban - Kuvuke usinga ezinsizweni ezimbili ebezisemcimbi weNkatha Freedom Party (IFP) wokubonga amavoti ngaphansi kukaMasipala iBig Five Hlabisa, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ngesikhathi zibona umengameli waleli qembu, iNkosi Mangosuthu Buthelezi maqede zacelana udede kwagobhoza igazi, kubika iphephandaba ILANGA.

Lo mcimbi ubuyizolo ngeSonto eCwakeme, eHluhluwe.

Lezi zinsizwa, okunguMnu Jolwane Mthembu waKwaMakhasa eHluhluwe noMnu Zungu wakhona eCwakeme - eligcine lingatholakalanga igama lakhe - zibonane kulo mcimbi zaphoselana inselelo okuthe uma enye iyamukela, kwasuka ushikishi.

Kusize ukungenelela kwelinye lamagoso elinxuse ukuba zihlukane.

UMnu Zungu okunguyena oshayeke kakhulu, ubethi akanelisekile ngendlela ashayeke ngayo esafuna ukuba zibuyele esitikini.

Nakuba lesi sigameko senzeke kuqhubeka umcimbi ngaphakathi enkundleni yezemidlalo kodwa abaholi abasemazingeni aphansi nengxenye yamakhansela basibonile basigxeka ngoba lezi zinsizwa bezibuswa ngamanzi amponjwana.

USihlalo weNkatha Freedom Party Youth Brigade (IFPYB) eMkhanyakude, uMnu Goodman Mkhwanazi, uthe bewubuholi beqembu kabahambisani nokwenziwe yilezi zinsizwa ngoba imicimbi yeNkatha kakuyona indawo yomgangela - lapho khona izinsizwa zizwana amandla ngenduku.

OLUNYE UDABA: Usekubhaceni owayengumdlali woSuthu odutshuliwe

"Kasihambisani nokwenziwe yilaba bafowethu ngoba kuthunaza isithunzi somcimbi wethu wokujabulela ukuthi siphethe lo masipala. INkatha yiqembu eligqugquzela ubuntu kodwa iphambene nokuthi abantu bashayane," kusho uMnu Mkhwanazi.

INkosi Buthelezi iqale ngokuvakashela umndeni wakwaNdlazi kule ndawo onezintandane ezine okuvela ukuthi bezilala zibala izinkanyezi.

Ubeye kulo muzi kuyovulwa indlu enamakamelo amane eyakhelwe lezi zingane eziphakathi kweminyaka eyisi-6-19 ubudala wumasipala wakule ndawo onxenxe osomabhizinisi ukuba baphose itshe esivivaneni.

INkosi Buthelezi income omasipala abaphethwe yiqembu  layo ngokwenza konke okusemandleni ukuthi abantu bathola intuthuko ngaso sonke isikhathi.

"Unyaka nonyaka umasipala wakha isizinda sokusebenzela ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi kunozinzo kubantu obaholayo. Empeleni uMasipala waKwaHlabisa uhamba phambili ngokuqinisekisa ukusentshenziswa kwezimali ngendlela efanele. Abaningi bayakufakazela lokho ngemibiko emihle ehlale itholwa yilo masipala. Bheka nje namuhla sizovula indlu eyakhiwe yilo masipala," kusho iNkosi Buthelezi.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...