Kuqaqamba inhliziyo koxoshwe yiChiefs

2017-08-20 16:06

Durban – Kuqaqamba inhliziyo uma ecabanga ngobuhlungu abuzwiswe yiKaizwe Chiefs umdlali omusha weBloemfontein Celtic.

ULucky Baloyi osesemabhukwini eCeltic, ukhonjwe indlela yiChiefs ingakaqali kwakuqala isizini. Uxsohwa nje, ubesanda kuvuselela inkontileka ngeminyaka emibili kule kilabhu yaseNaturena.

Utakulwe yiCeltic emsayinise inkontileka yeminyaka emithathu.

Lo mdlali uthi namanje akakakholwa ukuthi iChiefs imsalakaze okwenyongo yenyathi.

OLUNYE UDABA: Kuvela okuhlukumeze uDoctor kwiChiefs

“IChiefs ngikhulele kuyona, indlela engihambise ngayo bengingayilindele kodwa ngiyamukelile ngoba izinto ezinjena ziyenzeka ebholeni.

“Okungiphatha kabuhlungu ukuthi kangizange ngilinikwe ithuba ngokwenele, bekuthi uma ingidlalisile nginconywe yibo bonke abantu kodwa emdlalweni olandelayo ngilahlelwe ebhentshini kumbe ezihlelweni.Nokho-ke senginekhaya elisha manje kufanele ngiyisebenzele iCeltic.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...