Kuphume isidumbu 'kuphakanyiswa inombolo' ejele

2016-12-05 10:06

Durban - Simuncu isimo ejele iSevontein eMgungundlovu, maphakathi neKwaZulu-Natal emuva kokushona kwesiboshwa okuthiwa sishaywe kanzima ngojele ngeledlule saphetha ngokwendela koyisemkhulu.

Le ndaba kuthiwa ikhulunyelwa phansi kuleli jele.

ILANGA lihabule ngomthombo walo ongaphakathi kuleli jele ukuthi lesi siboshwa sishaywa nje, besiqeda kugwaza esinye okusolakala ukuthi bekwenziwa le mikhuba yakhona okuthiwa "wukuphakamisa inombolo".

Umthombo - odonse ILANGA ngendlebe ukuthi lingawudaluli -  uthi kwenzeka lokhu nje, kuyasolakala ukuthi indaba isuke ngesinye isiboshwa esidume ngelikaBoy kuleli jele, okubikwa ukuthi singumholi weqembu lemigulukudu yangaphakathi okuthiwa ngama-28.

Kuthiwa lesi siboshwa indlela esisatshwa ngayo kuleli jele, sizenzela umathanda kangangoba sike sibize imihlangano yeziboshwa, okusolwa ukuthi kusuke kuphakanyiswa yona inombolo, okuyinto ephambene nomthetho wasejele. Umthombo uthi njalo uma zenze lokhu iziboshwa, kuphela kabi ngoba kuba  nabalinyazwayo ngoba behlulekile yinombolo ndini leyo.

Kuthiwa abaphathi bakushaya indiva lokhu kanti uma ojele beke bazama ukusivimba lesi siboshwa, basuke sebezifake engozini yokuthi bengahlaselwa noma nini. Nakulesi sigameko umthombo uthi kuyasolakala ukuthi indaba iqale kulowo mhlangano wezinombolo ngoba kuthiwa lesi siboshwa esiwuhlupho sike sabonakala sikhuluma nalesi esigwaziwe.

OLUNYE UDABA: Ubuyele kubo usomabhizinisi oxakekile

Kuthiwa emuva kokukhuluma eside isikhathi naso, sibe sesigwazwa ngesinye okusolakala ukuthi besiyalelwe ukuba senze lokhu.

"Kubuhlungu ukusebenza kuleli jele, kuyimanje ojele abathintekayo bangase bephelelwe wumsebenzi ngenxa yalesi siboshwa esingalawuleki okusolakala ukuthi yisona ebesithume lesi esishaywe ngojele.

"Ngikhuluma nawe nje zonke iziboshwa zivalelwe emuva kwalesi sigameko kodwa sona siyacanasa, sehla senyuka lapha ngaphakathi. Ngeke senziwe lutho ngoba uma uke wakhuluma ungazithola usulimala kanzima. Ngelanga lesigameko lesi siboshwa esiwuhlupho sibonakele sikhuluma nalesi esigwaziwe. Siyasola ukuthi bekuphakanyiswa yona inombolo kwaba nokungahambi kahle.

"Emuva nje kwalokho, sibe sesiyagwazwa lesi siboshwa esibonakale sikhuluma nalesi esiwuhlupho. Ojele babe sebeshaya kanzima lesi esigwazile. Ngokujwayelekile, uma umuntu ehlulekile wukuphakamisa leyo nombolo, kuyaye kuthunyelwe othile kuthiwe makaphakame ngaye ngokuthi amlimaze," kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe likhona icala lokubulala elivuliwe emuva kokuba owesilisa egwazwe ngumuntu ongaziwa kuleli jele washonela esibhedlela. Ube esecela ukuba kuxhunyanwe nomnyango wezokuhlunyeleliswa kwezimilo mayelana neminye imininingwane.

UMnu Thulani Mdluli okhulumela umnyango wezokuhlunyeleliswa kwezimilo, uthe sikhona isigameko sokuhlaselana kweziboshwa esibikwe yileli jele esenzeke ngoMsombuluko zingama-28 Lwezi (Novemver). Uthe ngeke akwazi ukuqinisekisa izinsolo mayelana nokuyisisusa sendaba njengoba kusanophenyo lwangaphakathi oluqhubekayo. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Cool. Pta: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...