Kuphume isidumbu kulwa abasesithenjini ngocelemba

2017-05-11 16:07

Durban - Kusabatshazwa isihluku esibonakale kule ndawo uNtombikayise Ndlovu, 43, noMaMbatha, 53, elingatholakalanga igama lakhe abayizingoduso zikaMaqabane Sithole belwa phambi kwabantu.

Ngokuthola kweLANGA, uNdlovu ubehlakula engadini yakhe ngaphandle komuzi ngesikhathi kuqhamuka uMaMbatha, kwase kuba khona ukuhlaselana phakathi kwabo.

Kuthiwa bebephethe ocelemba bobabili, kwagcina kushone uMaMbatha, kubika ILANGA.

Kuthiwa bobabili bangamakhosikazi engeno, nakuba behlukene ngemizi kodwa bangena indoda eyodwa eyashonelwa wunkosikazi eminyakeni embalwa eyedlule.

"Ingxabano yabo kakusiyona into entsha ngoba nangonyaka ophelile kukke kwenzeka ngesikhathi betholana phezulu endleleni eya emfuleni kodwa kwaba sengathi isimo siyalungiseka.

"Namanje sisashaqekile ngalento ngoba lona oshonile uqale waklinywa ngebhayi, washaywa ngamatshe ngaphambi kokuba agencwe ngocelemba,"kusho umthombo waleli phephandaba.

OLUNYE UDABA:Asikho semthethweni isithembu somsakazi woKhozi

Omunye umthombo osondelene naleli phephandaba uthi le ngxabano isuswe yizinkuni njengoba kuvele ukuthi ingoduso eyodwa itheze engadini yenye.

"Umsindo ususwe yizinkuni. Bebechukuluzanana ngoba sizwe omunye ekhuza ethi ngabe yini inhloso yalento ayenzayo umnakwabo. Lokhu bekuwuphawu lokuthi sebebekelene umgoga.

UMnikeni Sithole oyindodana kaMaqabane uthe bathuke kakhulu bewumndeni ngalokhu okwenzeke ekhaya. Uthi lokhu kubahlukumeze kakhulu.

"UMaNdlowu ufonele ubaba wathi uhlaselwa uMaMbatha umhubha ngocelemba. Ubaba uthe makabaleke angalwi.

"Ngiyabona-ke ukuthi mhlawumbe naye kube ngaphezu kwamandla akhe bagcina ngakho ukulimazana,"kusho indodana.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...