Kuphinde kwabhuntsha olukaBabes Wodumo lwaphesheya

2017-11-12 11:01

Durban - Kubikwa ukuthi uBabes Wodumo, ogama lakhe langempela nguBongekile Simelane, akalubhadanga futhi emcimbini ophesheya kwezilwandle abemenywe kuwona.

Le ntokazi bekulindeleke ukuba ibeseLondon, e-United Kingdom, emcimbini wezindondo obizwa ngokuthi yi-MTV Europe Music Awards, njengoba naye eqokwe emunxeni iBest Africa Act.

Akukhona okokuqala kubhuntshe uhambo lukaBabes Wodumo lwaphesheya kwezilwandle emcimbini wezindondo njengoba kwenzekile ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.

OLUNYE UDABA: Angidinganga isiNgisi ukuqokwa kuma-BET - Babes Wodumo

Kuzokhumbuleka ukuthi ubekade eqokiwe futhi kwabazoncintisana emzimbini obuseLos Angeles ngoJuni, ama-BET Awards, kodwa wagcina engaphumelelanga ngenxa yobuhixihixi ahlangabezane nabo bokungafaki isicelo se-visa kusenesikhathi nokwenze wagcina engayitholanga.

Ngokwemibiko mayelana nokubhuntsha kohambo lwakamuva lwaseLondon, kuthiwa inkinga akuyona i-visa kulokhu, kodwa unqume ukungahambi ngoba ubefuna abahleli bomcimbi iViacom Africa bakhokhele izindleko zebhanoyi nezehhotela kodwa bala.

Lo mcimbi kulindeleke ukuba usakazwe bukhoma namhlanje kusukela ngehola le-22:00 kusihlwa, esiteshini esikhokhelwayo esitholakala kwi-DSTV, i-MTV ne-MTV Base.

UBabes akatholakalanga ukuba aphawule.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...