Kuphazamiseke ukufunda kuxoshwa othisha esikoleni esiseMlazi

2017-05-18 11:03

eMlazi - NgoLwesithathu kuphazamiseke ukufunda esikoleni iComtech High School eMlazi ngemuva kokuxoshwa kothisha abangu-18.

Othisha bakulesi sikole babeke phansi oshoki ngemuva kokuba umhloli exoshe othisha abaholelwa ngabazali ngenxa yokungabikhona kwezimali kulesi sikole.

ILANGA lihambele kulesi sikole ngoLwesithathu lafika abafundi begcwele igceke behla benyuka bengafundi, othisha beyigxoba esangweni.

Othisha bathi ngeke babuyele emakilasini beyofundisa uma umhloli engafiki ukuzolungisa lesi simo.

OLUNYE UDABA:Kwaphazamiseka ukufunda kulwa othisha KwaMashu

Ngokusho kukaMuzi Zulu okhulumela inyunyana emele othisha kuleli uthe into eyenziwe wumhloli exosha othisha abaningi kangaka ngesikhathi esisodwa iphambene nomthetho futhi kabahambisani nayo ngoba ingaphazamisa abafundi.

"Okusidina kakhulu kuyona yonke le nto wukuthi labo thisha baxoshwe ngoMsombuluko belindele ukuthi bahole. Baxoshwe benganikiwe iholo labo batshelwe ukuthi isikole sibhekene nenkinga yezimali kuzanywa ukwehlisa izindleko ngokuxoshwa kwabo," kusho uZulu.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo kwaZulu-Natal uSihle Mlotshwa uthe bebengakezwa lutho ngalolu daba. Uthi bazoxhumana nabahloli bathole ukuthi kwenzenjani.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-21°C Sunny. Mild. Bloem: 3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...