Kuphakame imimoya kuhlangene osaziwayo

2017-03-19 18:29

Durban - Kushube isimo kwaphakama imimoya emhlanganweni obuphakathi komsunguli wamaSABC Crown Gospel Awards uZanele LaMbokazi Nkambule nesilomo somculi wowokholo, uDeborah Fraser. 

Lo mhlangano obuseMall Of Africa eGoli bekungowokuthelelana amanzi phakathi kwabo njengoba kugqame emphakathini ukuthi kabashayisani ngemuva kwenkulumo kaDeborah ayethule enkonzweni yesikhumbuzo kaLundi Tyamara ebiseGrace Bible Church, ePimville, eSoweto. Kule nkonzo uDeborah uveze ukuthi nguyena ocelele uLundi ukuba ahlabane ngendondo yamCrown. 

Le nkulumo ayehlanga kahle kuLaMbokazi Nkambule njengoba ekuphikile lokhu okushiwo nguDeborah, wakubeka kwacaca ukuthi azicelwa izindondo kodwa kunekomidi eliqoka abazohlabana. 

OLUNYE UDABA: UZanele Mbokazi ucikwe nguDeborah Fraser

ILANGA LangeSonto liqale lapotshozelwa wumthombo walo ngalo mhlangano, lase lixhumana nabo bobabali uDeborah noLaMbokazi Nkambule - bakuqinisekisa ukuthi impela ube khona umhlangano. 

Kuthiwa kulo mhlangano uLaMbokazi Nkambule utheleke ehamba nabesilisa ababili okubalwa kubo noSipho Kaleni okhulumela lawa ma-award. 

"UDeborah ucele laba besilisa ukuba babanike (yena noZanele) ithuba bakhulume bodwa ukuze batshelane amaqiniso ngomsuka wendaba. Nebala basale bobabili batshelana, kwaphakama imimoya kodwa yabuye yehla, ngemuva komhlangano kwacaca ukuthi obekonakele sebekulungisile," kusho umthombo. 

Ngokusho komthombo, nguLaMbokazi Nkambule obebize umhlangano ukuze balungise isimo. Umthombo uphinde waveza ukuthi uDeborah nguye obevutha bhe ngesikhathi kushubile - uLaMbokazi yena ubezama ukwehlisa umoya. Ethintwa yileli phephandaba uLaMbokazi Nkambule ukuqinisekisile ukuba khona komhlangano. 

"Hawu sekungaze kube wudaba ukuthi ngibe nomhlangano noDeborah. Angiboni kuwudaba lolu ngoba yinto osekunesikhathi yenzeka," kusho uLaMbokazi Nkambule, engeza ngokuthi intatheli enohlonze ngeke ilubhale udaba olufuze lolu. 

Ebuzwa ngobudlelwano bakhe noDeborah ngemuva komhlangano wabo uthe konke kuhamba kahle futhi sebekulungisile obekumele bakulungise. Ukuphikile ukuthi kuphakame imimoya kulo mhlangano, wathi baxoxe kahle njengabantu abakhulile.

Ngakolunye uhlangothi uDeborah naye uwuqinisekisile lo mhlangano. Uphinde waqinisekisa nokuphakama kwemimoyo kulo mhlangano. "Ibingeke ingaphakami imimoya ngoba bekumele amaqiniso ahlale obala. Okubalulekile wukuthi sikukhulumile obekumele sikukhulume futhi satshelana amaqiniso," kusho uDeborah oqale waba manqika ukuphawula. Uvumile ukuthi konke sekuhamba kahle phakathi kwakhe noLaMbokazi Nkambule.

"Uma ungumuntu kaNkulunkulu kuhle ulilwele iqiniso ngasosonke isikhathi ukuze noma kushaya isikhathi sokuhamba uhambe umoya wakho ukhululekile," esho.

Khona manjalo kulo nyaka umcimbi wama-SABC Crown Gospel Award ubungaza iminyaka eyi-10 wasungulwa kanti kuzoba nezinhlelo ezahlukene ezizokwenzeka ukwandulela umcimbi omkhulu ngoLwezi (November). 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...