Kunzima kumfana ozalwe enezilonda umzimba wonke

2017-09-19 19:29

Durban - Inzima impilo yomfana waseMabhanoyini, eJozini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, onenkinga yomzimba ogcwele izilonda ezilumayo.

UCebolenkosi Sibiya, 15, selokhu wazalwa uphila kanzima ngenxa yalezi zilonda nkulunywa okuyinto ezimenza angakwazi ngisho ukuphumela egcekeni.

Leli phephandaba lithole ukuthi okunye okwenza kube nzima ukuphuma endlini wukuthi kunabamhlekayo ngenxa yalesi simo abhekene naso.

Ngokusho kukanina kaCebolenkosi, uBonakele Sibiya, 53, selokhu wamzala uphila le mpilo. Uthi usehambe kwaze kwaguga izicathulo ezama ukutholela ingane yakhe usizo.

Utshele ILANGA ukuthi ingane yakhe isingadla noma yini enikezwa yona yikhona izolapheka. Uthi kwesinye isikhathi uyaye ezwe kuthiwa bakhona odokotela abangamsiza kodwa inkinga enkulu kube wukungabikhona kwezimali. Nakwabamanga usebuya khona kodwa lutho ukuthola usizo.

"Ngikhathazekile ngempilo ephilwa ngumfana wami, uphila ngokuzwa ubuhlungu. Uyazenwaya njalo, emuva kwalokho kuvele amathumba aphuma amanzi nezilonda ezimenza angakwazi nokuhamba.

"Kumanje usephila impilo yokuhlala phansi, kudingela athole isihlalo esinamasondo. Ngicela noma ngubani ongaba nosizo elule isandla kusizakale umfana wami," kusho yena.

Uthi kakuyona eyokuqala ingane ayizala inale nkinga.

"Ngo-1988 ngithola umfana owayenayo le nkinga, ngeshwa-ke waphetha ngokwedlula emhlabeni. Namanje nginovalo lokuthi angashona nalona enginaye kumanje, kakuhlukene nokuthi ukhubazekile. Yena uyakwazi ukukhuluma kodwa kunzima ukuphimisa amagama. 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...