Kumenele obanjwe 'edlwengula' umfana wakamakhelwane

2017-07-24 14:02

Durban - Ulahlwe ngelakubo owesilisa kwa-CC eMlazi, eningizimu yeTheku, okusolwa ukuthi ubezama ukudlwengula umfana oneminyaka engu-15 ubudala njengoba eshaywe wabulawa ngamalungu omphakathi ebusuku.

Kuthiwa umufi – esiligodlile igama lakhe – ungene ngewindi kwamakhelwane wakhe eyozama ukudlwengula lo mfanyana. Ngesikhathi ebanjwa kuthiwa uswele umgodi wokucasha.

ILANGA lithole ukuthi umfanyana ubelele yedwa ekamelweni kubo ngezithuba zehora lesi-12 ebusuku ngesikhathi ephaphama indoda igcwele umbhede wakhe izama ukumdlwengula.

Umthombo waleli phephandaba uthi lo mfanyana uphaphame isikhindi sakhe sokulala sesiphansi umsolwa ephezu kwakhe, eseqala ukumdlwengula.

Uthuke wamemeza ezama ukuthola usizo.  Uninalume, obelele endlini eseduze neyakhe, uphaphamile waphuthuma eyomsiza. Kuthiwa uhlabe umkhosi komakhelwane ukuba bayombonisa umhlola, bafica umsolwa egcwele amagceke.

Ngokusho komthombo wephephandaba, amalungu omphakathi ethukile, athukuthela agana unwabu ebona ukuthi umsolwa ngumuntu owaziwayo endaweni, qede amkhwelela ngenduku.

Kuthiwa ubeshaywa ngayo yonke into ngamalungu omphakathi ethi amfundisa isifundo ukuze angaphinde ayenze le nto abanjwe eyenza.

Umthomnbo uthi kugcine kumenele umsolwa ngenxa yokushaywa kabi.

OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe uzohambela imayini okushone kuyona abantu

“Abantu bahlulekile ukuzibamba bebona umuntu owaziwayo futhi ohloniphekile egila le mihlola. Besingamcabangeli ukuthi angenza into efana nale. Okudine kakhulu umphakathi ukuthi izingane zethu zabafana kaziphephile uma ekwazi ukuzinyonyobela zilele ebusuku ayozidlwengula.

“Siyasola ukuthi lokhu abekwenza wumkhuba wakhe, ziningi izingane zabafana azisazovela esisola ukuthi useke wazinukubeza,” kusho umthombo.

Iphephandaba lithole ukuthi kulesi sigameko kugcine kuboshwe uninalume womfanyana ngecala lokubulala.

Kuthiwa uthathwe ngamaphoyisa ebusuku ngemuva kokutholakala kokuthi umsolwa useshonile.

Amalungu omphakathi agxeke kakhulu isenzo samaphoyisa ngokubopha uninalume wesisulu.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, usiqinisekisile isigameko washo nokuthi kuboshwe umsolwa oyedwa ngecala lokubulala umuntu kwa-CC eMlazi.

Uthi umsolwa kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi eMlazi namhlanje ngecala lokubulala.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...