Kuhlehle umngcwabo kuphambana izidumbu

2017-03-20 12:32

Durban - Kuhlehle umngcwabo ngomzuzo wokugcina emndenini wakwaMntambo eZakheni eMnambithi, maphakathi neKwaZulu-Natal kulahleka isidumbu emakhazeni, kubika iphephandaba ILANGA.

Umgcwabo kaMnu Denny Mntambo,70, oshone mhlaka-9 kwephezulu esibhedlela sikahulumeni, kuphoqe ukuba uhlehliswe emuva kokuba kuvele ukuthi usengcwatshwe ngomunye umndeni wakwaMazibuko khona endaweni.

Ngokusho kwelunga lomndeni wakwaMntambo, uMnu Nkosinathi Shabalala,26, uyisemkhulu ubeseneminyaka eli-17 eyilunga lakwaMgobhozi Funeral Services efakwe ngudadewabo, uNkk Lindiwe Kunene.

Kuthe uma eshona ngoLwesihlanu, isidumbu sakhe sayiswa kwaMgobhozi Funeral Services sayogcinwa khona kusalungiselwela umngcwabo.

"NgoLwesihlanu sibe sesiya emakhazeni ukuyomlanda, kuthe uma sifika sakhonjiswa isidumbu okungesona esakhe, esakhe singabonwa. Uma sibuza kumnikazi wamakhaza ukuthi yenzeke kanjani le nto, uthe usola ukuthi kuphambane izidumbu nesomunye umndeni obungcwaba ngoLwesithathu.

“Uthintiwe lo mndeni ukuba uyobona lesi sidumbu esisele ukuthi kakusona yini esawo, wafika wathi yisona. Lesi osithathile uthe ususingcwabile," kusho uMnu Shabalala.

OLUNYE UDABA: Ihlazo owesifazane olala nendodana,12

Uthi kuphoqeleke ukuba bajikise izihlobo ebesezifikile ukuyongcwaba. Nezimpahla abebeziqashile - okubalwa kuzona itende, amafriji nezindlu zangasese - baziphindisele emuva nomgodi abesebewuthengile bawucishile kwamasipala.

"Kangisayiphathi eyokudla notshwala obesekuthengiwe njengoba okunye kwalokhu kudla kubola uma sekuhlale isikhathi eside. Sithe siyovula icala emaphoyiseni lokulahleka kukamkhulu bathi masiluyise enkantolo ukuze ikhiphe incwadi ezosigunyaza ukuba siyosimba isidumbu sikamkhulu. Yima sizoya namhlanje ngoMsombuluko njengoba ngoLwesihlanu singazange sikwazi ukuya," kusho uMnu Shabalala.

UMnu Mzwakhe Mazibuko oyilunga lomndeni ongcwabe uMnu Mntambo, ukuqinisekisile ukuthi ziphambanile izidumbu emakhazeni.

Ucele ukuba aphinde athintwe ngoba usezitolo. Kuthe uma esephinda ethintwa wangabe esalubamba ucingo.

UMnu Jibha Mgobhozi ongumnikazi weMgobhozi Funeral Services akatholakalanga ocingweni lwakhe njengoba ucingo belukhala lungabanjwa, ushiyelwe nemiyalezo kodwa wangabuyela kuleli phendandaba kwaze kwashaya isikhathi sokuloba.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 7-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-29°C Morning clouds. Warm. PE: 17-31°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...