Kuhlaselwe uthisha esikoleni kubangwa eyamakhosikazi

2016-11-28 13:31

Durban - Uhlaselwe ngumasitende wakhe esesikoleni waqhunyiswa umbombo ngetshe uthisha waseSebenzakahle Secondary School oPhongolo, enyakatho yeKwaZulu-Natal kubangwa eyamakhosikazi ngeledlule.

Kubikwa ukuthi uMnu Sdumo Myeni wakhona oPhongolo, uxabane nomasitende wakhe onguMnu Felokwakhe Lushaba. Ulandele lo thisha esikoleni ngoba efuna baluqedele khona udaba lwabo ngokuthi bafikisane emandleni.

UMnu Myeni utshele ILANGA ukuthi ukungaboni ngasolinye phakathi kwabo kuqale ngesikhathi umasitende echukuluza umkakhe emubiza nangamaganyana angehli kahle kanti besekunesikhathi eside unkosikazi elubika lolu daba.

Uthi uzamile ukuxoxa noMnu Lushaba kodwa lutho umehluko. Uveze ukuthi akanalo ulwazi lokuthi umkakhe ubexatshaniswa yini noMnu Lushaba.

"Ngeke ngikwazi ukusho lezi zinto abebiza ngazo umkami ngoba akumele ziphumele emphakathini, kodwa kungiphoqile nami ukuba ngizibuyiselele kweyakhe inkosikazi ngokuyichukuluza. Kuze kwafika esigabeni sokuthi ngishaywe-ke," kusho uMnu Myeni.

Uthi ngesikhathi kuxatshanwa, kube sengathi kuyadlula konke wabona sekuqhamuka uMnu Lushaba esikoleni afundisa kusona ehamba nezinye izinsizwa wacela kubaphathi besikole ukubonana naye.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa umdlali webhola

"Kufike uthishanhloko ngesikhathi ngigade abafundi bebhala iphepha le-Agriculture ngesonto eledlule wathi kunabantu abangifunayo. Ngithe akuvumelekile nje ukushiya iphepha phakathi wathi uthishanhloko uzongibambela yena.

"Ngisondelile ngasesangweni lapho kade kumi khona umasitende wami ehamba nezinye izinsizwa, wathi ucela ngiphume ngaphandle sixoxe. Kangivumanga ngoba kukhona engikusolayo. Ukusho lokhu nje uphethe isagila athe ungizucula ngaso ngavika wacosha itshe wangishaya phakathi kwamehlo.

"Ngithe uma ngibuyela ekilasini ngathola sekugade omunye othisha okungavumelekile ukuba sishintshane naye ngoba yena unolwazi olunzulu lwalesi sifundo ebesibhalwa," kusho uMnu Myeni.

Usola ukuthi uthishanhloko unesandla kule nto ngokuthi amvumele ukuba aphumele ngaphandle ashiye izingane zibhala.

Ethintwa mayelana nalolu daba uNkk Hannah Ncwango, onguthishanhloko, uthe akatholakalanga ukuphawula wavala ucingo lwakhe.

UMnu Lushaba ukhale ngokuthi usendaweni engamuvumeli ukuba akhulume ngalolu daba. Ubabaze ukuthi selufike kwabezindaba.

Ngakolunye uhlangothi, okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe bayakugxeka ukuhlukumezeka kothisha ikakhulukazi emagcekeni esikoleni ngoba isikole yindawo yoMnyango. Uthi bazolubheka lolu daba.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe likhona icala elivuliwe esiteshini samaphoyisa oPhongolo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...