Kugxotshwe unondweba wesifazane eThekwini

2017-05-02 12:31

Durban - Uthelwe induku unondweba wesifazane emuva kokuba iMageba Warriors yaseFolweni inqobe iKwaDabeka Sporting yaseClermont ngo-1-0 emdlalweni wamanqamu weSouth African Football Association (Safa) eThekwini SAB Regional League Play-Off ngoMgqibelo eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

ILANGA lithole ukuthi kube wukukhala kwempempe yokuqeda lo mdlalo nje, kwabonakala ingxenye yabadlali beKwaDabeka abebedinwe begane unwabu beqonda kumsizi kanondweba bafika bamshaya ngamankomane babuye bamkhahlela.

Kuthiwa kusize ukungenelela kwezikhulu zeSafa eThekwini besho ukumkhipha umoya.

UZama Buthelezi onguNobhala weSafa eThekwini wohlangothi oluholwa nguMazwi Mkhize, usiqinisekisile lesi sigameko. Nokho uthe bazolinda umbiko kanondweba bese bethatha isinqumo ngokumele kwenzeke.

OLUNYE UDABA: Uxoshelwe ukuba neshobolo oweqembu lePSL

IWarriors kulindeleke ukuba imele lesi sifunda emidlalweni yaKwaZulu-Natal yokukhipha amakilabhu amabili azonyukela kwiSafa KZN ABC Motsepe League ngesizini ezayo. Le midlalo izokuba ngaphansi kwesifunda seSafa iLembe.

Kuminciwe ukuthi imidlalo yesifundazwe ingaphazamiseki kwazise iTheku linenkinga yokuba nobuholi obubili njengoba obunye buzinze eHoy Park ngaphansi kuka-Alpha Mchunu.

Ngonyaka odlule lezi zinhlangothi zithumele amakilabhu amabili kodwa kwagcina kudlale i-Ashley United yasePinetown ebiqhamuka kolukaMkhize olunamahhovisi eCurries Fountain. I-Ashley kumanje igijima kwi-ABC Motsepe League.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...