Kugqekezwe imoto yomgadli woSuthu

2017-01-22 18:33

Durban – Kugqekezwe imoto kaSiyabonga “Bhele” Nomvethe ongumgadli wamaZulu FC kwantshontshwa amakhokho awasebenzisa ekubhakuziseni amagoli kule kilabhu edlala kuNational First Division.

Lesi sigameko esishiye uNomvethe edidekile kwazise ubehamba nezingane zakhe, senzeke ngoLwesibili ePhoyinti, eThekwini, kubika ILANGA langeSonto.

Uthi uphume ejimini wahamba nezingane zakhe ukuyozijabulisa kanti sebezohlangabezana nalo mshophi.

“Ngipake imoto eceleni kweloli okuthe nxa sengibuya ngabona isicabha sangakumshayeli singasavalekile kahle okwenze ngacacelwa ukuthi izigebengu sezizithathele.

OLUNYE UDABA: Kubiza ukusebenza ngokuzikhandla - Nomvethe

“Okudidayo ukuthi zithathe amakhokho, amateki okujima, umazisi nezincwadi zokushayela kuphela zayeka imali ebisobala eduze kwegiya. Ngenhlanhla kabayithathanga i-laptop,” kulandisa yena.

Uthi ukholelwa ukuthi lokhu kwenziwe osikhotheni abebezidakelwe yiwunga.

Kuzokhumbuleka ukuthi kwi-Orlando Pirates kwantshontshwa amakhokho kaJimmy “Gusheshe” Kauleza maqede akaza waphinda walibona ipali okwenza yamchitha ikilabhu.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...