Kugqame uqhekeko kweyezitabane

2017-04-17 12:00

Durban - Kugqame ukudideka nokungaqondani engqungqutheleni yokuhlanganisa umphakathi okubalwa nophila impilo yabathandana nobulili obufanayo ebihlelwe wuMasipala weTheku, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre.

Kule ngqungquthela ebubheke kakhulu kwabaphila impilo yokuthandana nobulili obufanayo, kugqameukuthi kabahlangene, kabaqondani bebodwa, kabazwani abanye badidekile.

Le ngqungquthela ibihlose ukuhlanganisa izitabane nabantu abangaziqondi kahle futhi kube nokuqondana ngempilo eziyiphila njengoba kusekhona abazicwasayo kwesinye isikhathi ezinye zigcina ngokubulawa.

Isikhulu sikaMasipala weTheku uThembinkosi Ngcobo ophethe uMnyango wezamaPaki, ezokuNgcebeleka, amaCiko namaSikoobekungumnyango wakhe obuhlele le ngqungquthela, uthi ukuqaphelile ukungahlangani kwabo njengoba bebesho izinto ezingafani.

OLUNYE UDABA: Kuzohlangana izitabane zodumo kwehlelwe yiTheku

"Abanye ngithole ukuthi banenkinga negama elithi izitabane, abanye bakhululekile ngalo. Noma ukhuluma isilungu amagama afana nohe/she bazizwa ngezindlela ezahlukene," kuveza uNgcobo.

Unanele ngokuthi njengoMaipala bazophinde benze eney ingqungquthela labo abaphila le mpilo bazohlangana bebodwa badingide baphume sebekhuluma ngazwi linye.

"Uma besasho izinto ezahlukene ngempilo abayiphilayo- kuzoba nzima ukuthi nomphakathi ubaqonde. Siwumasipala sizibophezele ukuba sisebenzisane nabo  ngoba sinezinhlelo abangabamba iqhaza kuzona ngakho siyafuna ukuba nomphakathi jikelele ubaqonde ukuze kuhlalwe ngokuzwana ngaphandle kokucwasana nokunye," kusho uNgcobo.

Uthi le ngqungquthela imvule amehlo ngendlela izitabane  ezicabanga ngayo emiphakathini eziyakhele.

Uqhube ngokuthi kungakuhle futhi kube nezigungu lapho bezoyalana khona bakwazi ukuthi bazwane bebodwa ngoba kuvelile ukuthi kunabanye abangabafuni abanye.

UNgcobo uthe basazobheka usuku olungaba luhle  babasize bahlangane.

"Labo asebekhulile kuhle bayale labo abasebancane nangendlela yokuziphatha njengoba kuphinde kwakhalwa ngokuthi kunabanye abangcolisa igama lezitabane emphakathini," kusho uNgcobo.

Le ngqungquthela ibihanjelwe yizitabane okubalwa uSomizi Mhlongo, uKhaya "GC" Dladla, uLwazi "Diva Cadach" Blose-Cele, uMfu Zenzi Zungu, uTha "Nontandakubukwa" Simelane.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...