‘Kugqabuke igoda’ kosaziwayo abesebethembisene umshado

2017-05-26 12:30

Durban – Isiphenduke indaba egudwini eyamahlebezi okugqabuka kwegoda phakathi kosaziwayo ababili abebecanasa ezinkundleni zokuxhumana ngomjolo wabo.

Lawa mahlebezi kuke kwabikwa ngawo ngoMashi kodwa angaqinisekiswa ngabanikazi bendaba okunguJunior De Rocker Mzizi nesiphalaphala sentokazi enguNtando Duma.

Nakuba begcine bengayiqinisekisanga indaba yokwehlukana kwabo, kodwa isithe chithi saka emakhoneni, kuthiwa impela itshe ligaya ngomunye umhlathi. Kuthiwa futhi abasabonakali ndawonye njengoba bekwenzeka.

Abangabalandeli babo ezinkundleni zokuxhumana bayazi ukuthi laba bebengapheli ezinkundleni zokuxhumana, begabisa ngothando lwabo.

Ukushabalala kwalokho kugabisa nakho kwenza ziqine izinsolo zokuthi isimo asisemnandi neze.

OLUNYE UDABA: 'Isizathu sangempela esahlukanisa osaziwayo'

Imithombo yeLANGA LeTheku ethembekile esondelene kakhulu noJunior De Rocker isipotshozele ukuthi isinqandamathe sikaJunior sakudala, uLihle B, sesibuye ngezinkani empilweni kaJunior.

Ngesonto eledlule ngosuku lwakhe lokuzalwa uJunior, ubonakale efake isithombe sale ntokazi kwiSnapchat ebhale ukuthi “Thank you babe”. Lokhu kwethuse abaningi.

Kuvela lawa mahlebezi okwehlukana kwalaba nje, uNtando uzithwele ingane okukholakala ukuthi ngeyakhe uJunior.

Ezinkundleni zokuxhumana sekunezinyanga begcine ukufaka izithombe eziqhakambisa uthando lwabo.

ULihle B naye kuthiwa usanda kubhala enkundleni yezokuxhumana ukuthi “Umhlaba ubuyele kubanikazi”.

Bonke abathintekayo abazange batholakale ukuba baphawule.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...