Kufufusa izembe kubaqeqeshi be-PSL

2016-09-19 18:01

Durban – Kungase kuphele leli sonto sekuxoshwe umqeqeshi wokuqala selokhu kuqale imidlalo ye-Absa Premiership ngasekupheleni kuka-Agasti.

ILANGA lithole ukuthi uSteve Komphela ohleli ngesinqe esigqikini sokucija iKaizer Chiefs ebhinjelwa yizinto, akayedwa enkingeni kwazise itshe limi ngothi nakuDenis Lavagne odabuka eFrance opheka iFree State Stars.

Isimo sikaKomphela sidabukisa u-Allan Freese ocija iHighlands Park njengoba ekholwa wukuthi ezakhe zizoqhatha lo mqeqeshi nesibhaxu sabalandeli beziMpofana.

IChiefs izobhekana neHighlands ngoLwesithathu koweligi eMakhulong Stadium.

Iya kulo mdlalo nje, uKomphela uthwele kanzima njengoba izinto zingamhambeli kahle selokhu kuqale le sizini kwazise kayikaqobi mdlalo.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke ukuba ligawule izembe lePirates kubadlali

Abalandeli beCheifs sebebekezele kwanela njengoba sebemuchapha ngenhlamba uKomphela, bethi akahambe usehlukumeze kakhulu.

UFreese uthi uyamudabukela uKomphela ngoba kulo mdlalo bazomuqhatha nabalandeli.

“Siyikilabhu efikayo kulesi sigaba, sizolwela impilo yethu. Umdlalo weChiefs ufike ngesikhathi esihle sisanda kwehlula iBaroka. Ngiyazwelana noKomphela ngoba kangiboni abalandeli beChiefs bekwamukela ukuhlulwa yithina singomakoti beligi,” esho.

URamahlwe “Rama” Mphahlele oyisitobha seChiefs uthi bazomvikela umqeqeshi wabo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...