Kufufusa ingxabano kwiChiefs nelase-KZN ngomdlali

2017-10-12 18:01

Durban – Kungase kusuke ingxabano phakathi kweKaizer Chiefs neMaritzburg United njengoba kuvela ukuthi isikhulu sale kilabhu yaseMgungundlovu sihlela ukufuna imali yezindleko zokukhulisa umdlali obaleke wavumbuka kwiChiefs esenesinye isibongo neminyaka yakhe yobudala isishintshile.

ILANGA lithole ngemithombo yalo engaphakathi kwiMaritzburg ukuthi umnikazi wale kilabhu uFarook “Ntshebe” Kadodia uhlela ukufaka icala kwiPremier Soccer League ngoWiseman Meyiwa odlala esiswini kwiChiefs athi uchithe eningi imali emkhulisa esikhungweni sale kilabhu.

Udaba lukaMeyiwa lusematheni kulezi zinsuku njengoba esolwa ngokwehlisa iminyaka, kubika ILANGA.

Kuthiwa ngesikhathi egijima esikhungweni seMaritzburg ubesebenzisa eminye iminyaka yobudala nesibongo sakwaMoshoeshoe njengoba manje esesebenzisa esakwaMeyiwa.

Kuthiwa uKadodia akanandaba neyeminyaka yobudala yalo mdlali into ayifunayo kwiChiefs yinkokhelo njengoba lo mdlali ekhuliswe esikhungweni sayo iminyaka emine.

OLUNYE UDABA: IChiefs emizamweni yokusayina umdlali we-United ‘obiza itshe lemali’

Leli phephandaba lithinta uKadodia ngalolu daba ukuqinisekisile ukuthi uhlela ukufuna inhlawulo kwiChiefs njengoba ekhulise lo mdlali echitha izimali zakhe.

“Engingakuqinisekisa wukuthi lo mdlali ukhulele kithina uhlale iminyaka emine esikhungweni sethu sokuthuthukisa ibhola.

“Ngokomthetho vele nginalo ilungelo lokufuna inkokhelo ngokumkhulisa kodwa okwamanje yinto engisayicubungula. Into esuke yasiphazamisa wokudlula emhlabeni komdlali wethu uMlondi Dlamini ngeSonto.

“Simatasa silungisa indaba yokufihlwa kwakhe ezinye izinto sizobuye sizibone emuva komngcwabo,” kusho uKadodia.

Imizamo yokuthola uBobby Motaung oyimenenja jikelele yeChiefs ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...