Kuboshwe umfundisi owagqekezelwa indlu

2017-02-17 18:00

Durban - Kuboshwe umfundisi webandla labasindisiwe eNhlalakahle, eGreytown, maphakathi neKwaZulu-Natal osolwa ngokushaya alimaze ilunga lomphakathi ngoba elisola ngokumgqekezela lintshontshe izimpahla emzini wakhe, kubika iphephandaba ILANGA.

UMfundisi Sbusiso Makhanya we-Abudant life Global Ministries Church, ungaphandle ngebheyili ka-R500 ngenxa yaleli cala.

ILANGA lithole ukuthi uMfu Makhanya ungenelwe yizigebengu ngeledlule kungekho muntu endlini, zashaqa yonke impahla.

Kuthiwa uxoxele omakhelwane ngokwenzikile ukuze bamsize ngokubamba abasolwa.

Kuthiwa kunelungu lebandla lakhe elimtshele ukuthi lisola ukuthi ngumfowabo omgilile umfundisi.

“Indaba yokugqekezwa komuzi  yinto ebidumile endaweni ngoba bengihamba ngibekisa emlungeni omphakathi ukuthi angitholele umkhondo. Ngemuva kokuba ngithole lo mkhondo ngelunga lobandla, nginikele khona nebala ngazithola izimpahla,” kusho umfundisi.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa owesimame eyokhokhela umngcwabo

Uthi indaba isabalale elokishini lonke. “Ngifonelwe ngumuntu esengitshela ukuthi mangiphuthume ngiyolamula amalunga omphakathi asehlasele umfana osolw angokuntshontsha izimpahla zami emzini wami. Ngifike amalunga omphakathi esemshaye amlimaza ngabe sengimlamulela ngoba udaba selubikiwe kwabomthetho,”kusho uMakhanya.

Uthi wethuke wacishe wafa uma esethola ukuthi uvulelwe icala lokushaya ngemuva kwesigameko.

“Namanje ngisamangele ukuthikungani mina ngivulelwe icala icala lokushaya ngoba ngifike sengilamula, bengingekho ngesikhathi eshaywa umhakathi.”

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uLt Thulani Zwane, uthe likhona icala eliuliwe lokushayw akomuntu, umsolw auvelile enkantolo yeMantshi yaseGreytown waphuma ngebheyili. Uthe kulindeleke ukuba aphinde evele mhlaka 7 Mashi.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Cool. Bloem: -1-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C Morning clouds. Cool. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...