Kubhuntshe umngcwabo "ngobanjwe neshende"

2017-06-05 14:01

Durban - Kubhuntshe umngcwabo abangani nezihlobo bajikiswa sebesegcekeni ngesikhathi umakoti okuthiwa ubanjwe oqotsheni ezitika ngocansi neshende ngo-2014 enqaba nesidumbu somyeni wakhe.

Kumanje kuduma amakhanda emndenini wakwaMbuyazi, eNzalabantu, KwaMbonambi, eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, ngesenzo sikaHappiness Mbuyazi, uMaNtuli, okuthiwa umyeni wakhe uMandla Mbiyazi bekufanele afihlwe izolo ngeSonto kodwa kwangenzeka.

Kuvele ukuthi uMbuyazi obesebenza kwaTransnet, udutshulwe ngoLwesine lwangomhlaka-25 Meyi ngaphambi kokuba ngoLwesihlanu kuyodatshulwa incwadi yomshado kwazise bese luphothuliwe udaba lwesehlukaniso phakathi kwabo.

Kuthiwa ufake isehlukaniso somshado ngemuva kokubamba uMaNtuli neshende eliyiphoyisa futhi elingumakhelwane wabo.

OLUNYE UDABA: Kume umngcwabo umkhulu engafuni umzukulu angcwatshelwe kwakhe

ILANGA lithole ukuthi umndeni kaMbuyazi ubusuwenze wonke amalungiselelo omngcwabo kwaze kwagingqwa ngisho inkomo yokumphelezela.

Ngokusho kwelungu lomndeni wakwaMbuyazi eliwumthombo weLANGA, abantu abebeye emngcwabeni bebejikiswa betshelwa ukuthi usubhuntshile.

Indaba iqale sekuyolandwa isidumbu emakhazeni ngoLwesihlanu ngesikhathi umakoti nabakubo bephethe incwadi yasenkantolo evimba ukuba abakwaMbuyazi basithathe isidumbu.

ILANGA lithole ukuthi ekuqaleni kwesonto umndeni wakwaMbuyazi umatasatasa namalungiselelo, uMaNtuli nomndeni wakhe banikele khona beqhuba inkomo nembuzi eyoxolisa ngokufaka ishende emzini womyeni wakhe. 

AbakwaMbuyazi kuthiwa kabayamukelanga inkomo, babayalele ukuba baphindele nayo emuva babuye uma sekungcwatshiwe kwazise basematasa namalungiselelo omngcwabo.

Umthombo uthi kakwehlanga kahle lokho kuMaNtuli nabakwabo njengoba besuke lapho bayovimba ukuba kuqhubeke umngcwabo.

Kuvela ukuthi uMbuyazi ubulawa nje, ubesenengoduso  abesezinhlelweni zokuyenza umakhe uma sekuphothulwe eyesehlukaniso noMaNtuli.

ILANGA lithole ukuthi uMaNtuli ubesezame kaningi ukuncenga uMbuyazi ukuba babuyelane kodwa umufi engayingeni leyo. Ngalo uLwesihlanu, kuthiwa uMaNtuli nabakubo bafune izikhiye zomuzi nomazisi kamufi, abakwaMbuyazi babanika ngoba benzela kube nokuthula nokuba kuqhubeke amalungiselelo omngcwabo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, waqhubeka nokuvimba ukuba kufihlwe izolo.

ILANGA LangeSonto elinguzakwabo waleli phephandaba, libike kabanzingo-2014 ngodaba lokubanjwa oqotsheni kukaMaNtuli nguMbuyazi neshende. 

Kuthiwa ubabamba nje, ubencinzwe indlebe ngabathile, okuthiwa bekuthi uma engena ebusuku emsebenzini umkakhe asale afake ishende endlini. Ngosuku abanjwe ngalo, kuthiwa uMbuyazi uphume kwakhe engumuntu oyongena ebusuku.

Esemsebenzini, kukhona abamfonele bamtshela ukuthi ishende selisemzini wakhe makaphuthume, nebala wazithela phezu kwalo lizijabulisa nomkakhe ekamereni lakhe.

Kuthiwa ishende liphume endlini lishaya ngesudi yesele.

Umthombo weLANGA uthi uMaNtuli selokhu ephume ngalelo langa emzini wakhe, njengoba eseika eyovimba umngcwabo.

Ethintwa yileli phephandaba uMaNtuli, ukuqinisekisile ukuthi ubavimbelile abakwaMbuiyazi ukuba baqhubeke nokufihla umyeni wakhe.

"Ngithathe lesi sinqumo ngenxa yokuthi umndeni wakwaMbuyazi ubuzenzela wosdwa ungaxhumani nami ekubeni wazi kahle ukuthi ngikhona ngiyinkosikazi," kusho uMaNtuli.

Uthi ingamampunge ukuthi umyeni wami ubesefake isehlukaniso. Mina ngiseyinkosikazi yakhe ngokugcwele futhi ngubaba wezingane zami lo," echaza.

Uyiphikile eyokuthi ubeyocela uxolo ngokufaka ishende emzini womyeni wakhe.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UKini Shandu ukhonjwa oKhozini

Emizuzwini eyi-54 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...