Kubatshazwa isihluku kutholakala amalungu omndeni egenciwe eNkandla

2017-12-21 14:01

Durban - Simuncu isimo emphakathini wasePholela, eNkandla, maphakathi neKwaZulu-Natal, emuva kokuhlahlelwa ngocelemba kubulawe amalunga amathathu omndeni wakwaZondo okusolwa ingxabano equbuke ememulweni obukule ndawo ngoMgqibelo.

Uphithene amakhanda umphakathi wakule ndawo ngokuhlaselwa kwalo mndeni ongenelwe ebusuku emuva kwengxabano equbuke ememulweni wakwaMkhize kule ndawo.

Ngokuthola kweLANGA, uMnu Mcebiseni Zondi, 20, oshonile, udlalisane nenye insizwa emgangeleni wagcina enqoba kwabe sekusongelwana nabathile, okuthe ebusuku ngezithuba zehora leshumi, kwahlaselwa umndeni wonke kwabulawa nonina kaMnu Zondi, uNkk Dumazile Zondi, uMaCele, 50, noMnu Sfiso Zondi, 44, abatholakale bedindilizile endlini.

Ngokusho kwekhansela lakuwadi 12 - le ndawo engaphansi kwawo - uMnu Sbongiseni Sikhakhane, kakukho okuphathekayo ngoba kabaziwa abenzi bobubi. Uthe kodwa ikhona ingxabano ebe khona kulo mcimbi.

Uthi sekunezigameko eziningi ezifuze lesi ezenzeka kule ndawo kodwa kakuboshwa muntu. Uveze nokuthi emasontweni amabili edlule kuhlahlelwe omunye umuntu kwathathwa ubuchopho nengalo kodwa kusathulekile namanje.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa bebesolwa ngokuthakatha ababulewe e-KZN

"Sekuwumkhuba walapha ukuthi njalo uma kunomcimbi kuphume izidumbu futhi le nto iyangikhathaza ngoba umthetho kubukeka uhluleka wukwenza okufanele. Ngesonto eledlule kugwazwe umfana wakwaMajola eJokweni washona, okuthe kusabatshazwa lokho, kwaphindwa omunye wakwaZulu. Kuzona zonke lezi zigameko kababoshwa abantu kodwa umphakathi uyaphela ngenxa yezikhali," kusho uMnu Sikhakhane.

Uthi ngendlela isimo ebesiyiyona, ungafunga ukuthi bekuhlahlelwa inkomo. Kuthiwa uNkk Zondi uklajwe nasezingalweni okusolwa ukuthi ubezama ukuvika. UMnu Zondi (Sifiso), yena utholakale ebulawe wahlaliswa esihlalweni kwathi uMcebiseni watholakala eceleni kwendlu, okubukeka sengathi ubezama ukubaleka.

"Sihlukumezekile ngesihluku esenzeke lapha, kakudleki ngisho ukudla uma ngicabanga into engiyibonile," kusho uMnu Sikhakhane.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, kusinde uMnu Thandazani Zondi oyindodana yakhona encane, obengekho kubo ngesikhathi kuhlaselwa.

Kuthiwa nguyena ozithele phezu kwalesi sigameko wahlaba umkhosi. Ngokusho kukaMnu Mzikayise Zondi oyilunga lomndeni, ufonelwe etshelwa ukuba akaphuthume kubo nakuba ubehlele ukuthi uzoya khona ngoMgqibelo ngenxa yetoho alibambe eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal.

"Lesi silimazo esisetshenzisiwe besishaya kuqhashe ubuchopho. Ezinye izinto bengihlale ngizizwela kude, bengingazitsheli ukuthi ziyokwenzeka ezinganeni zami nomkami ngelinye ilanga," kusho uMnu Zondi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Thulani Zwane, usiqinisekisile isigameko wathi amaphoyisa aseKhombe, eNkandla asaphenya kanti imbangela yesigameko kayikaziwa okwamanje. 

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...