Kubanjwe umoya ngesilomo seBafana

2017-03-12 13:22

Durban - Ubambe umoya u-Owen da Gama oyibamba lomqeqeshi weqembu lesizwe likanobhuntshuzwayo laseNingizimu Afrika, iBafan Bafana, ngesitobha okuvele ukuthi silimele.

IBafana enganamqeqeshi namanje njengoba esafunwa, izokuba nemidlalo emibili yesihle. Izobhekana neGuinea Bissau ngoMgqibelo womhlaka-25 Mashi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Iyophinde idudulane ne-Angola ngomhlaka-28 eKimberly.

UDa Gama ubengumsizi ka-Ephrain "Shakes" Mashaba obengumqeqeshi osanda kufakwa amasondo.

OLUNYE UDABA: Uthi ngeke yamehlula iBafana osethathe umhlala phansi

Uqokwe ukuqhoqhobala lesi sigqiki okwesikhashana kuze kumenyezelwe umqeqeshi.

ILANGA LangeSonto lithole ukuthi uDa Gama umincile ngoRivaldo Coetzee odlala emuva ku-Ajax Cape Town okuthiwa unokuthinteka.

Kuthiwa uDa Gama usalinde umbiko kodokotela ngodaba lukaCoetzee bese enquma.

leli phephandaba likhuluma noDa Gama, ukuqinisekisile ukuthi ubambe umoya ngalo mdlali.

"Okwamanje kasikakazi ukuthi kuzokwenzakalani ngoba i-Ajax isitshele ukuthi unokuthinteka. Kodwa-ke sizolinda sibone bese sinquma. Uma kuwukuthi ugcina ngokulimala sizophoqeleka ukuthola umdlali onesipiliyoni kule ndawo yakhe," kuchaza uDa Gama.

Leli phephandaba lithole ngemithombo yalo ukuthi kucushwe ngoMorgan Gould weSuperSport United noma uBuhle Mkhwanazi weBidvest Wits.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...