Kawumenywanga umndeni ekhumula inzilo umkaNcwane

2017-03-06 12:32

Durban - Luyaqhubeka nokugqama uqhekeko nokungezwani phakathi komndeni wakubo kwaSfiso Ncwane nenkosikazi yakhe u-Ayanda.

ILANGA LangeSonto lithole ukuthi ngeSonto kwenziwe imicimbi ngokwehlukana. Kubikwa ukuthi eGoli, u-Ayanda ukhumule inzilo, kanti futhi khona ngeSonto kubo kwaSfiso eMthwalume, ePort Shepstone, kwenziwe inkonzo yenduduzo nokumkhumbula.

Umcimbi wokukhumbula uSfiso wenziwe ngunina uNkz Fikile Ncwane. ILANGA LangeSonto liputshuzelwe wumthombo walo othembekile ongashayi eceleni ukuthi u-Ayanda usenqume ukuyishiya phansi inzilo.

"Usenqume ukuyishiya phansi inzilo ngoba ufuna ukuqhubeka nempilo yakhe. NgeSonto (izolo) uyehlukana nezingubo ezimnyama, uzobuyela ezingutsheni zakhe ezijwayelekile. Lokhu kuzomenza ukuthi akwazi ukuqhubeka nemisebenzi yomyeni wakhe. Enze nezinto afisa ukuzenza," kubeka umthombo.

ILANGA LangeSonto lixhumane nomndeni kaSfiso oseMthwalume, wathi kawunalo ulwazi mayelana nokuthi u-Ayanda ukhumula inzilo.

Unina kaSfiso, uNkz Fikile Ncwane uthe: "Hawu, angayikhumula kanjani inzilo engasazisanga futhi nezinyanga ezintathu zingekapheli. Ngiyaqala ukuzwa into efana nalena futhi ngiyamangala ngoba akakawuqedi unyaka. Ngokosiko lalapha ekhaya umuntu oshonelwe yindoda ufaka inzilo unyaka wonke. Kwamina ngisayifakile kodwa ngizoyikhumula uma sekuphele izinyanga ezintathu."

Udadewabo kaSfiso, uGugu naye uzwakalise ukudumala wathi: "Izenzo zakhe zonke ziyasidida thina. Siyazibuza ukuthi kusewokukholwa yini lokhu akwenzayo noma mhlambe akasiboni isidingo sokwazisa umndeni kaSfiso. Akasitshelanga lutho thina futhi akaxhumani nathi. Okusixakayo wukuthi uzoyikhumula kanjani inzila ngaphandle komndeni kaSfiso."

UGugu uthe nabo bazokuba benomcimbi wokududuza umndeni namhlanje, (izolo ngeSonto).

OLUNYE UDABA: Kulimale izingane zesikole engozini yetekisi eThekwini

"Nathi sinomcimbi wokududuza nokukhumbula uSfiso ngeSonto. Besingamazi (Ayanda) ukuthi naye unomcimbi wokukhumula inzilo. Nathi asimmemanga ngoba akazibambi izingcingo zethu," kusho uGugu.

UGugu uthi bebefisa ukuthi kubekhona abangani bakaSfiso, abecula nabo. Kodwa uthi abakwazanga ukukuhlela lokho.

Okhulumela iNcwane Communications uThobile Mchunu ukuqinisekisile ukuthi u-Ayanda uzoyikhumula inzilo namuhla (ngeSonto) emzini wakhe oseGoli.

“Azikho izimemo ezikhishiwe ngoba vele ngumcimbi wasekhaya lona," kuqhuba uThobile.

UThobile uthi u-Ayanda ubevele engenzi usiko ngokufaka inzilo.

"Ubehlonipha umkhwenyana wakhe, yingakho-ke manje ebone kukuhle ukuthi ayikhumule khona ezokwazi ukuqhubeka nempilo yakhe. Lokhu kuzomsiza ngoba uzokwazi nokuphumela emnyango abhekane nabalandeli bakhe, aphinde futhi akwazi nokubhekana nabezindaba," kusho uThobile.

NgoLwesine u-Ayanda obesazilile ubesemsakazweni, uKhozi FM, ekhuluma ngezinsuku zokugcina zikaSfiso. ILANGA LangeSonto lehluleke lancama ukumthola.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...