Izinyembezi zenjabulo kumama kaSifiso Ncwane elethelwa igilosa

2017-09-27 16:00

Durban – Kuvuke iminjunju wadinda isililo unika kaSfiso Ncwane (ongasekho) obeyisihlabani somculo wokholo ngesikhathi enikelelwa ngegilosa ngumculi obeyibambe noSfiso, uNkosi Nhlumayo, waseMgababa, eningizimu yeTheku.

UNkz Fikile Ncwane waseMthwalume, ogwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, wehluleke nawukuzibamba ngoLwesihlanu, washo phezulu ngengila ebona igilosa egcwele imoto.

Ekhuluma neLANGA, uthe inhliziyo yakhe ivele ibe buhlungu uma ebona ukuthi kukhona abasamkhathalele kulokhu kuhlukumezeka okungaka akutholile eshiywa yindodana yakhe ngokukhulu ukuzuma.

OLUNYE UDABA: Iyisinengiso le ntombazane empilweni yami - Umama kaSfiso Ncwane

“Selokhu wahamba uSfiso, ngiphila kanzima ngemali yempesheni. Ngisho ngiphukelwe yisicabha ngilala kanjalo ngoba akasekho engingakhala kuyena ngibone esefika nalokho engikucelile. Kwesinye isikhathi ngize ngifise ukuthi kungcono ukube kwafa mina ngoba yena wayengeke ahlulwe wukunakekela izingane zakwabo.

“Okungizwisa kakhulu ubuhlungu wukuthi nale gilosa ngiyithengelwe umuntu obephila noSfiso, okusho ukuthi indodana yami ibingelona usizo lapha ekhaya kuphela, kodwa ibiwusizo emhlabeni wonke.

“Lokhu kudla kufike ngesikhathi engikudinga ngaso kakhulu, ngiyabonga, ngiswele imilomo eyizinkulungwane. Ukhule Nkosi mfana wami, ngikufisela impumelelo yodwa nasemculweni wakho,” kusho uNkz Ncwane.

UNkosi uthe uNkz Ncwane usefana nonina kuyena kwazise uSfiso ubesefana nomfowabo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...