Izinguquko emdlalweni uZalo

2016-11-27 17:30

Durban - Kuxega amadolo kubalingisi bomdlalo kamabonakude okhonjiswa kwiSABC 1, uZalo, njengoba kuthiwa kukhona abasengozini yokudliwa yizembe, futhi kuza nabadlali abasha, abanohlonze abazodlisela ogageni abanye.  

Phakathi kwabalingisi abasha, abajoyina lo mdlalo kubalwa uBrenda Ngxoli wodumo kwi-Home Affairs, nguMasoja Msiza obedlala kwi-Sibaya, nguLuthuli Dlamini oke wadlala kwi-Rockville noClement Maosa we-Skeem Saam. 

Umthombo ongaphakathi, ongomunye wabadlali abadala uthi kunomuzwa wenjabulo yokuthi kuza abadlali abahlonishwayo, kodwa futhi abanye banetwetwe ngoba akwaziwa ukuthi izembe lizogawula kubani. 

OLUNYE UDABA: Ukhala ngezimfundamakhelwa oshiya uZalo - Umbiko

"Iningi lethu lithokozile ukuthi kufike abantu abasha kodwa futhi senokuqhaqhazela ngoba laba bantu bayahlonishwa kwezokulingisa, kuzomele sinyuse amasokisi," kusho umthombo. 

UKoketso Phala we-Dream Multi Media ekhulumela lo mdlalo uthe akukho angakuqinisekisa okwamanje, wathi basazohlanganisa amakhanda bakhiphe isitatimende ngesonto elizayo. 

"Sibone kungcono ukuba sikhiphe isitatimende esigunyaziwe esishoyo ukuthi ngobani esizobakhulula nokuthi yibaphi abazojoyina lo mdlalo," kusho yena. 



- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 16-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...