Izindaba ezimnandi kwi-Downs ngoKekana

2017-04-30 12:30

Durban - Izindaba ezimnandi okoju kubalandeli beMamelodi Sundowns ngomdlali wayo ongumgodla okuvele ukuthi usevumile ukwelula inkontileka nale kilabhu.

Inkontileka kaHlompho Kekana odlala esiswini aphinde abengukaputeni weDowns iyaphela ezinyangeni ezimbili ezizayo.

Lo mdlali kubikwa ukuthi ubengavumelani neDowns ngenkontileka kwazise ibifuna ukuyelula ngonyaka yenaefuna ethe xaxa.

Lesi simo kuthiwa senze iKaizer Chiefs eyizimbangi ezinkulu zeDowns yamkhokhobela.

OLUNYE UDABA:'Kubalulekile ukuba iChiefs ikhohlwe yimiphumela edlule'

Ngokuthola kwaleli phephandaba ngemithombo yalo engaphakathi kiowns, lo mdlali usevumile ukwelula inkontileka yakhe nezikaPatrice Motsepe onguMengameli wale kilabhu engompetha beligi.

Kuthiwa kusize yena uMotsepe ongenelele kulolu daba wathi makanikwe akufunayo lo mdlali ngoba akazimisele ngokuthi kwenzeke esikaRamahlwe "Rama"Mphahlele naye obengukaputeni wale kilabhu ogcine ejoyine iChiefs ngokuqala kwale sizini ngenxa  yokungazwani ngenkontileka.

Leli phephandaba lishayela uThulani "TT" Thuswa wezokuxhumana kwiDowns, ukuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi sebeqede  konke noKekana.

"Konke kuhamba kahjle manje izinkinga ebesinazo noKekana zixazululekile.

"Njengamanje sekusele izinto ezincane nje esisaxoxa naye ngazo ukuphothula konke," kusho uThuswa.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...