Izindaba ezimnandi kubathandi beChiefs

2017-02-12 17:02

Durban – Izindaba ezimnandi kubathandi beKaizer Chsiefs ngoWillard Katsande, oyinjini yale kilabhu obedlala umacashelana nezikhulu ukwelula inkontileka naMakhosi, okuvela ukuthi usevumelane ngakho konke nawo osekusele nje manje ukuthi asayine.

UBobby Motaung oyiMemenja Jikelele yeChiefs, phambilini uveze ukuthi sekufika lapho ekhathala khona ngodaba lwenkontileka kaKatsande odabuka eZimbabwe.

Ubemsola ngokudlala umacashelana ngodaba lwenkontileka yakhe ephelayo uma kusongwa isizini.

Uveze ukuthi usezame kaningi ukuhlangana nalo mdlali kepha abeke izaba kugcine kungahlanganwanga.

Ubesecasukile uMotaung kangangoba ubeselibeke ngesihloko elokuthi kuzofanele acacise ukuthi umi kuphi ukuze baqale bathungathe umdlali ozovala isikhala sakhe.

OLUNYE UDABA: Ngiyinjini yeqembu - Katsande

Leli phephandaba lithole ukuthi selugobile uphondo kuKatsande nabaphathi bakhe njengoba ngeledlule kuhlanganiwe lo mdlali wavuma ukwelula inkontileka.

Kuthiwa uKatsande uphume ehleka syedwa emhlanganweni ngeholo nemali econsisa amathe azoyinikwa yile kilabhu.

“Engingakusho nje ukuthi uKatsande uzoqhubeka nokudlala kuChiefs futhi ujabule ngazokunikwa yiqembu. Kodwa-ke ngeke ubethembe abadlali bebhola bangomalala bephenduka.

“Ubehudula izinyawo uKatsande ngoba enethemba lokuthi kukhona amaqembu azomthenga ase-Europe kwazise ubedlala ku-Afcon,” kusho umthombo.

UMotaung uvumile ukuthi izingxoxo phakathi kweChiefs nalo mdlali ziqalile kodwa wangafuna ukwenaba kakhulu.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-19°C Partly cloudy. Cool. PE: 12-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...