Izindaba ezimnandi kuBabes Wodumo

2017-10-01 11:07

Durban – Uphinde wanyelwa yinyoni esandleni uBabes Wodumo ngengoma yakhe yedumela esihloko sithi Gandaganda esanda kuyikhipha.

Le ngoma isuse inhlokomo eNingizimu Afrika yonkana ngaphambi kokuba iphume kulandela ukusabalala kwe-video yakhe uBabes ezinkundleni zokuxhumana ekhala ngokuthi ontshontshe i-USB enale ngoma, enxusa ukutholiselwa yona.

Lo mculi ophinde abe wumdansi uthole ithuba eliyingqayizivele lokuba phambili emkhankasweni wakwaCell C obizwa ngokuthi yiMega Bonus. UMandla Maphumulo odume ngelikaMampintsha, ongumphathi weWest Ink okuyinkampani okuqophakuyo uBabes, ufake isikhangiso seMega Bonus ezinkundleni zakhe zokuxhumana lapho uBabes ebonakala ecula le ngoma.

Ngesikhathi ILANGA LangeSonto ixhumane naye uMampintsha izolo ubejabule ehluleka nawukuzibamba, waze wathi “uma uNkulunkulu evumile akekho ongaphikisa”.

Ube esecela ukuba kuthntwe uGeorge Mzansi okunguyena owengamele izindaba zeWest Ink.

Ethintwa uGeorge akazange ananaze kodwa uqinisekise lezi zindaba wathi: “Sisayine nabakwaCell C inkontileka yezinyanga eziyisithupha. UBabes neBig NUZ bazohamba nabakwaCell C ukuqhuba umkhankaso weMega Bonus kodwa ezikhangisweni kuzodlala uGandaganda,” kuchaza yena.

Lezi zikhangiso kubikwa ukuthi zizodlala kumabonakude, emsakazweni nakwezinye izindawo zokumaketha.

Uthi bazophinde bahambele izifundazwe ezehlukene benza iCell C Wololo Festival. Izifundazwe abazozihambela yiMpumalanga, Bloemfontein, Western Cape neNorth West.

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...