IWits inqobe iTelkom Knockout ngesithende

2017-12-03 14:06

Durban - Kuphoxeke izinkumbi zabalandeli beBloemfontein Celtic le kilabhu iguqiswa yiBidvest Wits ngo-1-0 kowamanqamu weTelkom Knockout ngoMgqibelo kusihlwa ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Igoli okunqobe ngalo iWits livalelwe enethini nguVincent Pule ngomzuzu wama-89. ICeltic yiyona ebithishwa ukunqoba lo mdlalo kwazise isefomini kanti iWits ibhinjelwa yizinto.

Nangaphambi komdlalo abalandeli beCeltic abebephume ngezinkani bebelibeka ngesihloko elokuthi bazolanda inkomishi babuyele eBloemfontein.

Nokho basale bebhocobele iWits ihamba nenkomishi, kubika ILANGA LangeSonto.

OLUNYE UDABA: IWits isabise ngokuxosha uHunt

Umdlalo uqale ngegiya eliphansi kubonakala ukuthi abadlali bala makilabhu bathukile. Ngendlela obuyiyona nabalandeli bebezithulele nje ngenxa yokuthi ibingekho iminyakazo ethusayo.

Isiwombe sokuqala size sayophela onozinto bawo womabili amakilabhu beziphumulele, bengenamsebenzi. Umnyakazo ube wodwa osukumise abalandeli kulesi siwombe owenzeke ngomzuzu wama-27 uGabadinho Mhango weWits egoba ibhola elihle elifice uWandisile Letlabika weCeltic othe uzama ukulikhipha walikhomba ngakubo langqubuza ipali labuyela ensimini iCeltic yawukhipha umhlola ekhaya.

Isiwombe sesibili sibe ngconywana nebhola selifika emapalini. YiCeltic ebibukeka ingcono isebenzisa kakhulu izimpondo.

Ngomzuzu ka-61 icishe yathola igoli kuVictor Letshoalo engqofa ibhola engaphandle kancane kwebhokisi lajomba unozinti weWits, uDarren Keets, langqubuza ipali labuyela ensimini. Emuva kwalo mnyakazo bese becindezelene.

Ngomzuzu ka-89 lugobile uphondo kwiCeltic uPule elibeka enethini ngesithende basala bekhala abadlali beSiwelele.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...