Ithuba lokucula noKwesta kodado

2017-07-08 11:03

Durban - Umculi we-hip hop osanda kuzitamuzela kumaSouth African Music Awards ngokuhamba nezindondo ezine, usesungule umncintiswano womculo wabantwana.

UKwesta uthi ugqugquzelwe wumncintiswano aphuma phambili kuwona obizwa nge-MTV Sync Battle. Lo mncintiswano wakhe uvuleleke ezinganeni eziseminyakeni ewu-9 kuya phansi.

Abazongenela kumele bacule ingoma kaKwesta noThabsile ethi Ngiyazifela Ngawe. Uthi usethole ama-video amaningi abalandeli bakhe betshengisa izingane zabo zicula izingoma zakhe, ikakhulukazi lena ethi Ngiyazifela Ngawe.

"Ngibone kungcono ukuba ngiqale umncintiswano sizijabulise nabantwana sitshengise nethalente labo," kusho uKwesta.

"Ngeke ufane nama-Idols noma iLip Sync Battle kodwa kuzoba yindlela enhle yokugabisa ngethalente labantwana," esho.

OLUNYE UDABA: UKwesta uthi akazilokothi izidakamizwa

Uthi imihlomulo ngeke kube yimali ngoba inhloso akusikhona ukudiza ngemali ebantwaneni noma kubazali.

Ukungenela lo mncintiswano kumele kuthunyelwe i-video yomntwana ngoWhatsApp kule nombolo ethi 076 910 8083 engakashayi umhlaka-22 Julayi nonyaka.

Bonke abazongenela kumele kube ngabayizakhamuzi zaseNingizimu Afrika. Ngokusho kwakhe abayishumi bazothola ithuba lokufakwa kuma-music video omculo wakhe.

Abayishumi abaphumelele bazophinde bathole i-voucher yamathoyizi enani lika-R1 500 akwaReggies Toy Store.

Ozobaqwaqwada bonke emakhanda uzothola iPlaystation 4 ene-SingStar nebhande lokuwina (Kids Sing Battle). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-26°C Rain early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-21°C Showers early. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-28°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Sprinkles. Morning clouds. Warm. PE: 19-26°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...