Ithemba lezinsuku zenjabulo kwiBucs

2017-08-20 16:06

Durban – I-Orlando Pirates ibuyise ithemba lenjabulo kubalandeli bayo ihlula iChippa United ngo-1-0 emdlalweni wayo wokuvula i-Absa Priemiership ngoMgqibelo kusihlwa e-Orlando Stadium, eSoweto.

Igoli okunqobe ngalo iBucs lingqofelwe enethini nguThamsanqa “Gandaganda” Gabuza ngomzuzu wama-37. Kulo mdlalo kucacile ukuthi uza nezinguquko uMilutin “Micho” Sredojevic ongumqeqeshi omusha weBucs. Uqale ngesikimu esihlukile emuva.

UMicho umjabulise kakhulu lo mphumela njengoba ekholwa wukuthi uzobuyisa ukuzethemba kubadlali azwakalise ukuthi bekungasekho.

Ubophele uNtsikelelo Nyauza noGladwin Shitolo maphakathi nenkundla wase ebophela uThabo Matlaba ongukaputeni kwesokunxele no-Innocent Maela kwesokudla.

UMaela ubebolekiswe kwiThanda Royalo Zulu ngesizini edlule, udlale ingcwenga yebhola futhi ube nesandla egolini likaGabuza okwenze waqokwa njengomdlali wosuku.

Bebengekho ngisho ebhentshini o-Ayanda Gcaba noHappy Jele abasolwe kakhulu ngokuvuzisa amagoli alula ngesizini edlule.

Ezintini iBucs ibibophele uWayne Sandilands esanda kumsayinisa njengoba ebesewukudla kebhentshi kwiMamelodi Sundowns.

Esiswini uMicho ubefake uMusa Nyatama noThami Sangweni obesanda kujoyina le kilabhu esuka kuChippa.

 

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...