ISoul Brothers izocula okokuqala engekho uMdavu

2017-06-03 11:01

Durban – Iqembu lomculo wombhaqanga, iSoul Brothers, lizobe lenza elidume ngazo ePiccadilly Banqueting Suite, eLondon, e-United Kingdom ngoMgqibelo.

Umholi walo, uMoses Ngwenya utshele ILANGA LeTheku ukuthi balifulathele ngoLwesine elakuleli, baphikelele eLondon lapho bezoba nekhonsathi elilodwa bese bebuyela ekhaya.

“Sizobe siqala ukuya phesheya kwezilwandle ngaphandle kukamufi uDavid “Mdavu” Masondo. Sizihambile izindawo eziningi emazweni aphesheya kusaphila uMdavu. Siyethemba bazolithokozela iqembu lethu yize engasekho,” kusho uBra Mose.

Uthi njalo uma besemazweni aphesheya baye bamangaliswe yindlela ababathokozela ngayo yize bengaluzwa ulimi lwesiZulu.

OLUNYE UDABA: Abasabhekani abodumo lweSoul Brothers

“Basithokozela bacele impinda simangale ukuthi baluzwa kanjani ulimi lwethu. Baye basitshele ukuthi umculo noma ngowaluphi ulimi unendawo yawo enhliziyweni yomuntu,” kuqhuba yena.

Selokhu kwadlula emhlabeni uMdavu – kusahamba phambili uThokozani Hadebe ocula ngephimbo elifana nelikaMasondo.

Emakhonsathini asenziwe kuleli abalandeli beSoul Brothers bayalincoma leli qembu ngendlela elenza ngayo.

I-albhamu yabo esematheni kulezi zinsuku isihloko sithi Undendende. Kuyona kucula abaculi abafana noBheki Ngcobo odume ngelikaHhashi Elimhlophe neqembu lesicathamiya, iLadysmith Black Mambazo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...