Isitabane sodumo lomgcagco sishonelwe yisoka elisha

2017-03-12 13:24

Durban – Besigontshiza isitabane sodumo emngcwabeni wesoka laso obesekuseduze ziwushaye phakathi kwabo babobabili.

UThobajobe Sithole, 31, waseMandeni, enyakatho yeKwaZulu-Natal, owadonsa amehlo abaningi eshada umshado wesintu nobeyisoka lakhe uTshepo Modisane, asebadivosa naye, ushonelwe yisoka uBoysie Gumede.

UGumede, oshone ngemuva kokugula isikhathi eside, ubengcwatshwa eNanda Newtown C ngoMgqibelo.

USithole kulo mngcwabo ubebonakala edidekile njengoba ebehleli ethule elokhu ezisula ngethawula elimhlophe ngesikhathi izikhulumi zishiyelana inkundla, kubika iLANGA LangeSonto.

Kuthe uma iya ngokushuba inkonzo wasukuma eqhasha ejoyina abazalwane abebecula bezungeza ibhokisi.

OLUNYE UDABA: Izitabane zakuleli zibusiswe ngengane yentombazane

Kusukume omunye wesifazane wambamba kukhona abemhlebela kona maqede wahlala phansi wazotha.

Esesukuma eyovalelisa esokeni lakhe, uphelezelwe ngomunye wesifazane emculela ingoma ethi Ngizolibonga.

Uvele lapho wangabe esabambeka wagxumagxuma esho ngengila kubonakala ukuthi usevukwe wumoya ephakamise nezandla ezungeza ibhokisi.

Esekhuluma uthe akaboni ukuthi kukhona oyoke amthande njengoba ekade ethandwa nguGumede.

“UBoysie ubenothando futhi emnene. Kazi ubani osezongihlekisa njengoba usungasekho sthandwa sami. Ubuletha injabulo kimi. Ungiphathise okwendlovukazi, bengizitshela ukuthi sizoguga ndawonye njengokusho kwakho kanti ngeke kusenzeka,” kusho uSithole.

Uthe uGumede ushona nje bebesezinhlelweni zokubopha elikasofasilahlane.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C Sunny. Mild. Pta: 6-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: 0-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...