Isingenelwe amakhosi eyomasikandi abangcofanayo

2016-10-20 11:35

Durban - Selungenelwe ngamakhosi ezizwe ezimbili udaba lokuxabana kwabaculi bakamasikandi, uKhuzani "Ndlamlenze" Mpungose noMthandeni "iGcokama Elisha" Manqele, okulimazane abalandeli babo emasontweni edlule emicimbini obuseTembisa, eGauteng beshayana ngamabhodlela.

Lokhu sekusukumise iNkosi yaseMdletsheni eHluhluwe, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, uBonga Mdletshe neyesizwe sakwaMpungose eNkandla maphakathi neKwaZulu-Natal, uZakhe Mpungose ngenxa yovalo lwezimpi zezigodi njengoba kunemibiko yokuthi abalandeli balaba baculi bayasongelana ezindaweni eziningi, ikakhulukazi abaseNkandla nabaseHluhluwe.

Amakhosi ahlanganisa uKhuzani noMthandeni ngenhloso yokuthola isixazululo kulokhu kungahoshelani kwabo, kubika ILANGA.

INkosi uMdletshe ithi ukuphazamisana kwalaba baculi sekufuna ukuqhatha iHluhluwe neNkandla, nasemahostela imbala sekunokuchukuluzana kwabantu.

Uthi njengoba laba baculi kuyizingane ezikhuliswe ngenhlonipho emakhaya, bona sebenqume ukuthi bahlanganiswe ukuze kutholakale umsuka wale nto, kulungiswe konke okonakele.

OLUNYE UDABA: Kusuke isidumo kwaqhuma nempama kowomasikandi ngenxa ka'Saaah'

"Uma kukhona ukungaboni ngasolinye, sifuna babuyisane le nto inqandwe zisuka nje. Thina njengamakhosi siqikelela ukuthi isiko lihamba ngendlela okuyiyona futhi kunokuthula ezizweni zethu.

"Ngeke ngithule umfana ongaphansi kwesizwe sami eqhatha abantu ngoba ukulwa kwabo kuzobe kuchaza ukuthi nguyena umbhebhezeli wempi. Sengikhulumile neNkosi uMpungose savumelana ngosuku esizohlangana ngalo kanti noMthandeni sengikhulumile naye," kusho iNkosi Mdletshe.

Ngakolunye uhlangothi, iNkosi uMpungose ithi kabayithandi impi yalaba baculi ngoba izoqhatha abantu. Ithi bafuna ukuthula kuphela kungaze kulimazane abantu.

"Lezi zingane ziqhamuka ngaphansi kwamakhosi, nathi-ke iyasihlukumeza. Ngimfonele uMthandeni ngamkhuza emuva kokuzwa ngale nto okuthiwa uyenzile eTembisa. Naye uKhuzani ngikhulumile naye. Siyabona ukuthi naseGoli kuzofa abantu. Sinenkolelo yokuthi esizokukhuluma nabo kuzozwakala ngoba baphuma ebuholini bendabuko," kusho uMnu Mpungose.

Lo mhlangano kubikwa ukuthi uzokuba ngoMgqibelo eRichards Bay, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal.

UKhuzani uthi usesithathile isinqumo sokuthi ngeke aphinde asho lutho kuma-albhamu akhe ngoMthandeni.

"Ngiyayihlonipha imibono yabantu abaseduze kwethu abasikhuzayo, njengengane enenhlonipho-ke mina ngiyezwa uma ngitshelwa. Bese ngisithathile isinqumo sokuziqhelelanisa nempi ebheke kuyena ngoba vele kangidunyiswanga wudlame kodwa ngidunyiswe yingoma emnandi. Ngiyaziqhelelanisa nale nto futhi nenkampani yami iyangeseka kulokhu," kusho uKhuzani.

Imizamo yokuthola uMthandeni kayiphumelelanga ubengalubambi ucingo. Liphinda limthinta leli phephandaba, ucingo lwakhe belungangeni.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...