Isilomo seDowns sifake isicelo sokushiya

2018-01-28 15:38

Durban – Umdlali oyisilomo esafika kwiMamelodi Sundowns usefake isicelo sokukhululwa kule kilabhu ecijwa nguPitso “Jingles” Mosimane ukuze ajoyine i-Orlando Pirates.

Inkontileka kaThabo “Mr Cool” Nthethe oyisitobha seDowns iyaphela uma kusongwa isizini. IDowns isizivuselelile izinkontileka zabanye abadlalui kodwa kayithi vu ngeyakhe, kubika ILANGA LangeSonto.

Leli phephandaba lihoshe ngemithombo yalo engaphakathi kwiDowns ukuthi uNthethe ufake isicelo kuMengameli wale kilabhu, uPatrice Motsepe, ngeledlule ukuba amkhulule ngoba vele uyabona ukuthi akasekho ezinhlelweni zikaMosimane njengoba engasamudlalisi.

Kuthiwa uMotsepe umkhombe kuTrott Moloto osebenzja ehhovisi lakhe wathi nguyena onganquma ngaye. Nokho kuthiwa noMoloto umkhombe kuMosimane wathi nguyena okufanele anqume.

“Ukujoyina kukaNthethe iBucs kulele kuMosimane, nguyena okufanele anqume ngaye. Usifakile isicelo futhi wangafihla ukuthi ufuna ukuya kwiPirates. Inkinga wukuthi iDowns ifuna ukuthola imali ngaye kanti iBucs yona ime ngokuthi uma nje engafika nephepha lakhe izomsayinisa.

“UMosimane kulindeleke ukuba enze isinqumo ngaye maduzane, kodwa umanqika ukumdedela manje njengoba uRivaldo Coetzee engakalulami,” kusho umthombo osebenza ngaphakathi kwiDowns.

Leli phephandaba lishayela uThulani “TT” Thuswa wezokuxhumana kwiDowns ngalolu daba, uthe: “Okwamanje akukho engingakuphawula ngoba udaba oluthinta uNthethe alukapheleli.

“Cishe kuzokuba khona okuphathekayo ngokuqala kwesonto. Okwamanje angikwazi ukusho into engaphelele ngoba ngumqeqeshi onquma ngabadlali.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...