Isigcinwe endaweni ephephile ingane 'ebilalwa ngunina'

2017-03-28 11:11

Durban - Igcine ithathiwe ingane, 12, yaseMafakatini eMgungundlovu, maphakathi neKwaZulu-Natal, ekhubazeke ngokomqondo, ILANGA elibike ngayo ngeledlule ukuthi unina wenza nayo ucansi.

Lolu daba lwethuse abaningi njengoba kubikwe ukuthi lona wesifazane, igama lakhe eligodliwe, sekuphele isikhathi eside egila indodana yakhe le mikhuba.

Iphephandaba lizwe ngomthombo walo osondelene nomndeni oveze ukuthi lona wesifazane kade wayekhuzwa ngalesi senzo kodwa kube nhlanga zikuma nomoya.

Kuthiwa ngisho ikhansela lakule ndawo, uMnu Jeffery Ngcobo, libikelwe ngalo kangangoba luke lwakhulunywa nakwi-War Room.

OLUNYE UDABA: Kugcine kulenele iqhawe lomzabalazo

Kuthiwa lona wesifazane ubenomkhuba wokuthi angene embhedeni engagqokile, okuthe uma ebuzwa ngalokhu, watshela onompilo ukuthi ukwenza ngoba indodana yakhe iyakhala uma elala egqokile.

Kuthiwa ubenomkhuba wokuzivalela nengane kanti wenza nayo ucansi.

Uthombo uthi naye lona wesifazane ungumuntu obuye avukwe ukugula ngokomqondo kanti uhola nemali yempesheni yokugula.

Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Ncumisa Ndelu, ukuqinisekisile ukuthi osonhlalakahle bayilandile ingane yabekwa endaweni ephephile.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...