Isidididi ngengoma yeDistruction Boyz oKhozini

2017-11-10 14:00

Durban - Sekusuke isidididi ngokusabalala kwezindaba zokuvalwa emsakazweni kwengoma yodumo yeDistruction Boyz esihloko sithi Omunye.

Le ngoma ikwi-albhamu entsha yaleli qembu esihloko sithi Gqom Is The Future, elipike kuyona uDladla Mshunqis noBenny Maverik bodumo lwengoma ethi Memeza.

Ezinsukwini ezedlule kuke kwavela emithonjeni yabezindaba ukuthi le ngoma ivaliwe kwisikhondlakhondla somsakazo uKhozi FM - kwathiwa ichithiwe ngenxa yezinhlamvu ezikuyo ezilumelayo.

Ezinye zezinhlamvu ezikule ngoma zithi: "Vala umlomo uvule amadlebe, kwagcwala kangaka nje lay'khaya akuhambeki, sashayisana ngezifuba" - bese iyaqhubeka ithi: "Omunye phezu komunye, kuzonyiwa macala".

OLUNYE UDABA: BUKA: IDistruction Boys ithi kuzobe kungomunye phezu kumunye kuhlukaniswa unyaka

Abaningi abebekhala ngemibiko yokuthi le ngoma ivaliwe bakhale ngokuthi lesi siteshi sithathela phezulu ngesinqumo saso. Umphathi wezinhlelo oKhozini, uZandile Tembe, ethintwa yiLANGA LeTheku ngoLwesibili uthe akazi lutho ngokuvalwa kwengoma.

"Ngikuzwa ngawe lokho mina ukuthi ivaliwe kodwa-ke fonela umphathisiteshi, nguyena ozokuchazela kangcono. Mina angivumelekile ukukhuluma nabezindaba," kusho uTembe.

Ethintwa umphathisiteshi, uBonga Mpanza, uyichithile indaba yokuthi ingoma ivaliwe emsakazweni. "Ingoma ayivaliwe, wukuthi ayikakadlali kodwa angisho ukuthi izidlala futhi.

"Ithimba lebhodi elilalela izingoma lisazohlala phansi liyilalele, uma seliyizwile yilapho-ke elizothatha khona isinqumo sokuthi izodlalwa yini," kuchaza uMpanza.

Thola udaba oluphelele kwiLANGA.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...