Isandla somndeni ejoyina iPirates

2017-07-07 12:27

Durban – Umndeni kaThamsanqa “General” Sangweni ubenesandla ekutheni lo mdlali asayine inkontileka yeminyaka emithathu kwi-Orlando Piratesn njengoba ebengukaputeni weChippa United yaseBhayi.

Lokhu kutshelwe ILANGA ngoLwesithathu emini nguSiyabonga “Nsimbi” Sangweni umgomfowabo kaThami.

Naye uNsimbi ubegijima kwiPirates ebimthenge kwiLamontville Golden Arrows. UNsikbi ushiye ngonyaka odlule ebholeni ngemuva kokulimala.

Yize ekubeke kwacaca ukuthi akathandi ukukhuluma izindaba zeBucs, kodwa bakujabulele kakhulu ukujoyina kukaThami le kilabhu eholwa ngu-Irvin Khoza.

OLUNYE UDABA: Ngiyohlale ngiyiBhakabhaka - Sangweni

“Sike sabhunga ngekusasa likaThami. Ngicabanga ukuthi uthathe isinqumo esifanele. Silindele ukuthi enze kahle kwiPirates. Siyamjabulela kakhulu siwumndeni wakwaSangweni.

“Nokho-ke angithandi ukungena ezindabeni zePirates ngoba kangiseyona ingxenye yayo. Ngeke ukwazi ukuxhumana ngqo noThami ngoba unenkinga yocingo okwamanje,” kusho uNsibi obekhala ngokuxineka emhlanganweni.

Ubesemhlanganweni wezinhlelo zeSiyabonga Sangweni Youth Festival and Mayoral Sports Day eqala namhlanje isongwe ngeSonto eDondotha Sports Ground, eMpangeni.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...