IPirates kwelinye ihlazo

2017-02-12 15:26

Durban – Abalandeli be-Orlando Pirates bavuke umbhejazane banyomfa umdlalo iMamelodi Sundowns ibukisa ngezikaMagebhula kowe-Absa Primiership onyomfeke ngomzuzu ka-81.

Lokhu kungemuva kokuthi amaBrazilian efake igoli lesithupha, iPirates ingenalo nelokubika.

 Kulo mdlalo okuyiwe kuwo ekhefini kungu-2-0 kuhamba phambili iSundowns, abalandeli bePirates badinwe bafuhleleka enkundleni ngomzuzu ka-81  becikwa ukuphendulwa izinkukhu kwabadlali bePirates.

Bebefuna ukudla luhlaza u-Agusto Palacios ongabange esabuya ebhentshini leBucs emuva kokusuka kwesixakaxakaesiholele ekutheni lo mdlalo umiswe imizuzu engaphezulu kwengu-40.

OLUNYE UDABA: INGOSI: Kukhulu okuqhubeka ngaphakathi kuPirates

Lo mdlalo uphele ngawo u-6-0 kanti izintambo bese zibanjwe uBenson Mhlongo noBradley Carnell abangamaphini.

Lesi senzo sabalandeli kulindeleke ukuba sidonsele iBucs ulaka lwe-PSL kwazise sihuduleke phansi kakhulu isithunzi sayo ngenxa yalesi sigameko.

Lo mphumela ukucacise obala ukuthi uSihlalo u-Irvin Khoza kumele afiingqe imikhono asheshise indaba yokutholakala komqeqeshi omusha ozothatha indawo kaMuhsin Ertugral.

Thola uduba oluphele ephephandabeni ILANGA LangeSonto.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...