IPirates iqede isinyama

2017-11-28 12:32

Durban - Iqede isinyama seminyaka ecela kwelishumi i-Orlando Pirates ihlula iBloemfontein Celtic ngo-1-0 wegoli likaMusa Nyatama elingene ngomzuzu ka-63 koweligi ngeSonto obubanjelwe eDr Molemela Stadium, eFree State.

IBucs igcine ngo-2008 ukunqoba iCeltic kule nkundla ebigcwele phama abalandeli okuchaze kakhulu umqeqeshi wamaBhakaniya, uMilutin "Micho" Sredojevic, ozwakalise ukujabula ngamaphuzu amathathu abawatholile kulo mdlalo, nakuba ebuye wakhala ngamathuba abawashwebile njengoba ekholwa wokuthi bebengahlohla amaningi.

Uthi umphumela ufike ngesikhathi esihle kwezakhe ezeseka ngokuthi abadlali bese beqala ukuzenyeza ngenxa yokunganqobi, kubika ILANGA.

"Lo mphumela uzosiza kakhulu abadlali bami ukubuyelwa wukuzethemba emuva kokugijima imidlalo eyisithupha benganqobi. Okunye okungihlaba umxhwele wukudlala enkundleni egcwele. Lokhu ngikuncoma kakhulu," kusho uMicho.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: I-Orlando Pirates isiyethule amajezi amasha

Uqhube ngokuncoma uLuvuyo Memela noThamsanqa "General" Sangweni ngokukhombisa intshisekelo yokufela enkundleni kulo mdlalo. UMemela ugcine eqokwe njengomdlali wosuku.

"Nakuba laba badlali bebekade bengekho qatha ngokwenele kwazise babuya ekulimaleni kodwa bakhombise okukhulu ukuzimisela kulo mdlalo," kusho uMicho.

UVeselin Jelusic ongumqeqeshi weCeltic, uthe bebazi kahle kamhlophe ukuthi iPirates izobahlasela nxazonke. Uthi bazamile ukubhekana nayo kodwa benzelwa phansi nawukuhlulwa ngamathuba abawakhile.

Uthi sebebheke umdlalo wamanqamu weTelkom Knockout abazowugijima neBidvest Wits ngoMgqibelo ngo-18:00 ePrincess Magogo Stadium.

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...