Iphoyisa laseThekwini lizibulale ne-ex inqaba ukuthi babuyelane

2017-08-31 16:02

Durban - Kuthiwa beselikhathele ukuncenga iphoyisa elidubule labulala intombi yalo eyiphoyisa ngaphambi kokuba nalo lizidubule lizibulale ngoLwesibili ekuseni esiteshini samaphoyisa KwaDabeka, enyakatho-ntshonalanga yeTheku.

ILANGA lithole ukuthi ngoLwesibili ekuseni, uConstable Thamsanqa Silinga,25, waseNewlands, obesebenzela uphiko lwe-Organised Crime eNanda udubule wabulala intombi yakhe enguConstable Nontuthuko Mthembu,24,  obesebenzela esiteshini samaphoyisa KwaDabeka.

Kubikwa ukuthi uConstable Silinga wenze lokhu nje, ubesezame wehluleka wukuncenga uConstable Mthembi obeyintombi yakhe ukuba babuyelane njengoba kuthiwa ibishaya phansi ngonyawo ingayingeni eyokuthi babuyelane njengoba bebexabene.

ILANGA likhulume noCaptain Bongani Silinga onguyise kaConstable Silinga, oveze ukuthi indodana yakhe ibingumuntu othulayo obekungelula ukubona noma enenkinga.

Uthi emasontweni edlule ike yabikela unina ongayizali ukuthi kunokungezwani phakathi kwayo noConstable Mthembu.

Utshele iphephandaba ukuthi uContsable Mthembu ubefika kwakhe evakashile ngesikhathi kusekuhle.

Indodana yakhe ibikhombisa ukuthi izimisele ngaye.

“Ukhulume nonina emtshela ukuthi izinto kazihambi kahle phakathi kwakhe nentombi yakhe. Bekungelula ukumbona ukuthi unenkinga noma kukhona okungamphethe kahle ngenxa yokuthi ubethula ekhonze ukuzivalela ekamelweni lakhe achofe ifoni.

“Ubuze umuzwe exoxa ngoba ekhuluma nabangani bakhe ocingweni,” kusho uCaptain Silinga.

Uthi ugcine ukubona indodana yakhe ngoMsombuluko ntambama iphuma emsebenzini kodwa kabazange basithole isikhathi sokukhuluma.

OLUNYE UDABA: Usevule icala owashonelwa yingane enkulisa

Iphume kubo yangasho ukuthi iyakuphi, yaze yathumelela unina umqhafazo ngezithuba zabo-08:00 ebusuku imazisa ukuthi isemcimbini womunye umngano wayo, bajabulela ukuthi uthenge imoto entsha. Uthi igcine ingabuyanga ekhaya.

“Ngithola ucingo luthi usezibulele nje, bengisadinwe ukuthi akabuyanga ekhaya ngoMsombuluko ngithi ngisafuna ukukhuluma naye ngendaba yokungalali ekhaya,” kusho uyena.

Uthi ngawo uMsombuluko indodana yakhe ivakashele uyisekazi wayo yambikela ukuthi kayinamali, icela ayiphe imali encane, kwaba ukuyigcina kwakhe.

UCaptain Slinga uthi lezi zithandani zahlangana ekolishi ngesikhathi ziqeqeshelwa ukuba ngamaphoyisa.

Bezinesikhathi esincane ziqalile ukusebenza njengoba bezisanda kuthenga izimoto zombili, ngokusho kukaCaptain Silinga.

Imizamo yeLANGA yokuthi umndeni wakwaMthembu iphunzile.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, Colonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe idokodo ngokushoan kwamaphoyisa

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...