Intombi nto idlwengulwe ethoyilethi lasebhishi

2017-06-26 18:01

Durban - Iyaqaqamba inhliziyo yowesilisa waseMacekane, eMpangeni, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, okudlwengulwe indodakazi yakhe eyintombi nto, ebihamba uMkhosi woMhlanga, ngowesilisa waseMozambique besolwandle.

Lona wesilisa, esiligodlile igama lakhe ukuvikela isithumzi sendodakazi yakhe, uthinte ILANGA ekhala mi, ebuza ukuthi kanti abokufika bayobahlukumeza kuze kube nini uhulumeni uthule.

Echaza ngalesi sigameko, uthi indodakazi yakhe eneminyaka engu-15 ubudala, efunda uGrade 11 esikoleni eSihubela High, idlwengulwe izikhiphile nabangani bawo besolwandle lwaseRichardsbay, ogqini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal, ngomhlaka-16 Juni-ngoSuku lweNtsha.

Uthi izingane zakhe nezinye zasendaweni beziqashe imoto zaya olwandle.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe owokufika ngokushushumbisa amantombazane amancane

Uthi indodakazi yakhe ibihamba nodadewabo ozalwa ngumfowabo-onguntanga wayo, naye ohamba uMkhosi woMhlanga.

"Kuthe laba abami sebesemotweni, belungiselela ukugoduka, kwasho ukuthi abanye bebengakafiki. Bathe abanye besayobheka abanye abebengakangeni emotweni, lona wami waya endlini encane kanti kuzothi esengaphakathi alandelw yilo muntu ofike wamdlwengula kungekho muntu ngaphakathi.

"Yize kade ekhala kodwa akekho omzwile njengoba amatekisi abebanga umsindo ngomculo.

"Umdlwengule waze waqeda lo muntuwamdedela, okuyilapho ethole khona intuba yokubaleka eyobika kwabehamba nabo ngosekumehlele. Bambambile lo muntu bamashaya babiza namaphoyisa waboshwa," kusho uyise wengane.

Uthi selokhu senzekile lesi sigameko, indodakazi yakhe kayisenzi kahle nasesikoleni. Ike izivalele yodwa endlini ingakhulumi namuntu.

Uthe udokotela obeyihlola indodakazi yakhe nguyena oqinisekise ukuthi idlwenguliwe, wamzamela usonhlalakahle ozoyelulekangokwengqondo.

"Ubengakayi kusonhlalakahle  njengoba ubesalinde ukuba aqede ukubhala izivivinyo zakhe. Okubuhlngu kakhulu wukuthi selokhu eboshiwe umsolwa amaphoyisa abengakaze asitshele lutho ngokuqhubeka kwecala," kuchaza uyise wesisulu.

Okhulumela amaphoyisa uThulani Zwane, usiqinisekisile lesi sigameko wathi umsolwa uboshiwe wavela eNkantolo yeMantshi yaseMpangeni ngomhlaka-19 Juni.

Uthi umndeni uzobizwa enkantolo uma sekufanele uyophendula kodwa okwamanje kawudingeki.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...