Inkombankombane kufa abalandeli bamakaskandi

2017-05-02 11:04

Durban - Siphoxe ngisho amakhosi isigameko esenzeke ngoMgqibelo enkundleni yezemidlalo eCurries Fountain, eThekwini, kwiNqokotho Masikandi Festival lapho kuzamule khona inganono kwaphangalala abalandeli ababili bakamaskandi kwalimala abathathu.

INkosi Bonga Mdletshe yaseHluhluwe, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal - ephethe uMthandeni "iGcokama Elisha" Manqele, "oyinkukhu nempaka" noKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose - ithe kumele laba baculi baphumele obala batshele izwe ukuthi bafuna izidumbu ezingaki emhlabathini bese bezibiza ngamaqhawe kamaskandi.

INkosi Zakhe Mpungose yaseNkandla, lapho kudabuka khona iNdlamlenze, ithe kwakukhulunyiwe nalaba baculi betshelwa ngale mpi yabo. Amakhosi akhuluma kanjena, eCurries Fountain kusuke esinamathambo kudubulana abalandeli beNdlamlenze nabeGcokama.

Kulesi sigameko kushone umlandeli kaMjikijelwa "iChalaha" Mpungose, uMnu Salabemkhuluma Xulu waKwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal kanti omunye odlulile emhlabeni kalitholakalanga igama lakhe.

Kwabalimele kukhona nomlandeli waMageza Amahle okumanje ulaliswe esibhedlela esiseThekwini. Umsindo uqale ngesikhathi kunandisa iNdlamlenze ephazanyiswa ngabalandela beGcokama. Onogada bakhiphe izibhamu baziqhumisa emoyeni bezama ukuhlakaza isixuku. Kakulimalanga muntu ngaleso sikhathi futhi nesimo sibuye sadamba.

INdlamlenze ingene esiteji ngezithuba zehora lesikhombisa ebusuku, kuthe isacula ingoma yokuqala kwase kusuka abalandeli beGcokama lapho abebemi ngakhona beyiqulu, basondela phambi kwesiteji bephakamisa amathawula amhlophe becula ingoma ethi "Uswelizinyo uyanuka" okukholakala ukuthi bebegadla ngayo kuKhuzani.

Le ngoma ikwi-albhamu yeGcokama  ephume ngoZibandlela (December) nyakenye. Baqonde ngqo esiteji baze bawisa ucingo oluhlukanisa izihlwele naso.

Emuva kwalokho iNdlamlenze yethule inkulumo ethi: "Kunjalo-ke uma kuzongena inkosi yomaskandi, nibonile uma kungena mina kuphakama wonke umuntu nabanamathawula bawaphakamisa phezulu." Ibingene ngengoma ethi "Nangu uKhuba usefikile (Amanqina enyathi) kwalandela ethi "Isixaxa samaxoki" wase ethula inkulumo.

Ithule leyo nkulumo isigadwe ngabalandeli bayo, abesebegcwele esiteji beyoyivikela. Kwenzeka lokhu nje, bebengakaculi abaculi abaningi abanohlonze. INdlamlenze iqede ukucula base beyilandela abalandeli bayo bayohlanganisa amakhanda, okuyilapho bebuye khona sebehlome ngezingodo nezikhwili.

Emuva kweNdlamlenze kulandele iqembu Abangani Bakhe, eliholwa nguNgiga Ndlovu, ofike esiteji wathi: "Kukhona yini obekulana esiteji, anivume nithi sahh!"

OLUNYE UDABA:  'UMaskandi usufana nemboni yamatekisi, namaqembu epolitiki'

Nebala abantu bayemukele inkulumo yakhe. Lokhu ngenye yezinto ezivuse uhlevane lwesiwombe sesibili njengoba kube ngongaphesheya nongaphesheya kushaywana ngezingodo ebeziphethwe ngabalandeli beNdlamlenze kanti abeGcokama bebejikijela amabhodlela.

Cishe kuphele imizuzu engaphezulu kweshumi kukhuzwa kwaze kwabizwa izinduna ezihola abalandeli nhlangothi zombili ukuba zizokhuza isimo. Zikwenzile lokho kwaba nokuthula kanti nabo laba baculi bamenyeziwe ukuba bezothobisa abantu kodwa kababonakalanga nangokhalo.

Baqhubekile abaculi banandisa sesidambile isimo. Kuthe sekugamenxe ihora leshumi nanye sebememezele abasakazi boKhozi FM, uNgizwe noBeekay bakwaMchunu ukuthi sekuzongena u-Ali Mgube - njengoba bese kusele yena, nguMjikijelwa neGcokama - base beqala udlame abalandeli beNdlamlenze baphosa amabhodlela belwa nalolu mbimbi (uMgube noMjikijelwa) oluhambisana neGcokama oluzibiza nge-East.

Kulapho-ke kubuye izibhamu wena owabona ifilimu njengoba izinhlamvu bezindiza ezihlweleni, ezinye ziphonseka ematendeni ezicukuthwane, okuholele ekutheni uphele umcimbi bengasaculanga laba baculi abebesele.

Okuqaphelekile kulo mcimbi wukuthi ezokuphepha bezingaqinile njengoba onogada bebebaleka uma sekusuke izidubedube kanti namaphoyisa kamasipala abonakale selidume ladlula.

Umhleli womcimbi, uMnu Charles Dlamini, uthi ukwenze konke obekulindelekile uma kuhlelwa umcimbi. Usola inkampani yonogada ayisola ngokuhluleka wukwenza umsebenzi. Uthi abekhona wonke amaphepha kaMasipala weTheku, awezomthetho nabezimo eziphuthumayo.

"Ukungena kukaKhuzani ngalesi sikhathi bekuvele kuyinhloso yakhe ukudunga umcimbi ngoba uzicelele yena kwahlula noma singavumi wathi uyaphuthuma, uma singakwenzi lokho uzobuyela emuva. Ngokocwaningo lwethu, sitholile ukuthi kuze kwaphela umcimbi ekhona kuwona futhi akavumanga uma sithi azokhuza abalandeli. Uthe makubizwe uMthandeni ekubeni ngabalandeli bakhe abebedubula abantu," kusho uMnu Dlamini.

Uthi nakuba engenile ezindlekweni kodwa akekho umculi ongayitholanga imali yakhe ngisho nalaba abangaculanga imbala. Uveze nokuthi izibhamu kungezeka ukuba zingene nezimoto ngoba abantu bebekhuthuzwa.

Umphathi wale nkampani yonogada ebizwa nge-Aneme, uMnu James Dlamini, uthi nakuba ingakaze isebenze ngomasikandi inkampani yakhe kodwa uyawuqonda lo mculo ukuthi ulandelwa ngabantu abanochuku ngoba naye ungumlandeli wawo. Uthi isibalo sonogada abali-150 ebesifunwe ngabahleli bomcimbi besingenele.

"Ngijwayele ukugada imicimbi emikhulu kodwa kulona sizamile ngokusezingeni lethu," kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukushona kwababili wathi abathathu basesibhedlela. Uthi akukaboshwa muntu okwamanje kanti kucelwa ongasiza amaphoyisa ukuze kutholakale abasolwa. Imizimo yokuxhumana noNkz Tozi Mthethwa okhulumela uMasipala weTheku iphunzile kwazise ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...