Injabulo ele-NFD lithola obekhonjwa kuBucs

2017-07-16 18:08

Durban – Kuqine idolo kubaphathi beRichards Bay FC engomakoti kwiNational First Division kubuya abadlali abebekhonjwa kwi-Orlando Pirates.

Leli phephandaba lithole ukuthi kusale kancane ukuthi agiye aqephuze uSifiso “Jomo” Biyela ongumnikazi weRichards Bay kubuya uXolani Ngcobo ongunozinti obesekhonjwa kwiBucs esanda kusayinisa uWayne Sandilands osuka kwiMamelodi Sundowns.

Omunye umdlali obuyile nguBoikanyo Komane olihlikihla esiswini obeyamaniswa namakilabhi ehlukene agijia kwi-PSL.

OLUNYE UDABA: IBidvest Wits isayinise obengumdlali weDowns

UNgcobo noKomane babambe elikhulu iqhaza ekutheni iThanda Royal Zulu inyukele kwi-PSL nokho leli qembu ladayisa igunya lokudlala esigabeni esikhulu kumaZulu FC okwenze abadlali beThanda basala dengwane.

Kusize ukuthi ilungelo loSuthu lithathwe ngabeRichards Bay FC.

Izindaba zokujoyina ikhempu yeBay FC kwalaba badlali ziqinisekiswe nguRichard Makhoba oyimenenja-jikelele yale kilabhu. Uthi amalungiselelo ale kilabhu ahamba kahle kakhulu.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ishaywe ngesithende iBig Nuz

2017-07-16 16:40
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...