Ingcindezi efanayo koweChiefs neWits

2017-11-12 15:05

Durban - Ingcindezi efanayo kuSteve "Mphathi" Komphela ongumqeqeshi weKaizer Chiefs noGavin Hunt ocija iBidsvest Wits ngaphambi komdlalo obhekwe ngabomvu we-semi-final yeTelkom Knockout phakathi kwala makilabhu ngoMgqibelo eBivest Stadium, eGoli.

UHunt izinto kazimhambeli kahle kule sizini njengoba iWits ibalwa namakilabhu angenzi kahle ekubeni kuyiyona evikela indebe ye-Absa Premiership.

Ihlulekile ukuvikela i-MTN8 ehlwithwe yiSuperSport United ehlule iCape Town City dkowamanqamu eThekwini.

UHunt unomthwalo wokunqoba iTelkom ukuzigcina esemithanjeni yabanikazi beWits. Ngakolunye uhlangothi, ingcindezi isiyingxenye yempilo kuKomphela njengoba iziMpofana zingayazi nhlobo inkomishi ngaphansi.

OLUNYE UDABA: I-Chiefs ishovewa ehlathini engalazi

Sekuyisizini yokugcina kuKomphela elolonga iChiefs, kanti ukunqoba kungamcubuzela amagabade kubalandeli bale kilabhu abamfuna ehambile eNaturena.

UKomphela usalelwe yiTelkom, iPremiership ngokunjalo neNedbank Cup ukuzama ukujabulisa abalandeli beChiefs abangakufihli ukuthi sebesuthi nguyena.

IChifes ingene kuma-semi-final ngokuguqisa iChippa United kanti iziTshudeni zehlule iBaroka FC.

IPolokwane City izodudulana neBloemfontein Celtic kwi-semi-final yesibili ngeSonto e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane. IPolokwane ihlule i-Orlando Pirates ngamaphenathi kwathi iCeltic yaguqisa iPlatinum Stars ngo-2-1 esigamebi sama-quarter-final.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...