Induna iboshelwe ukudlwengula indodakazi

2017-06-19 11:02

Durban - Ingene kwelikhulu ihlazo induna yaseGcoba kwesakaMthethwa, eMphangeni, enyakatho yeKwaZulu-Natal ikhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngezinsolo zokudlwengula iphindelela indodakazi yayo eneminyaka engu-8 ubudala.

Kuhlwe emini yaswela umgodi wokucasha – esingeke sayidalula ukuvikela ingane – ngesikhathi ishaqwa ngabakwasidlodlo.

ILANGA lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi indaba ivele ngeledlule ngesikhathi inkosikazi yenduna ivusa ingane ukuba ilungiselele ukuya esikoleni.

Kuthiwa ingane itshele unina ukuthi angayibambi kabuhlungu umzimba ngoba ubuhlungu. Unina uyibuzile ukuthi kwenzenjani yangalikhuluma iqiniso, waze wayiphuthumisa emtholampilo.

Abahlengikazi bayihlolile kwatholakala ukuthi idlwenguliwe kwabe sekuvela iqiniso.

OLUNYE UDABA: Izovela enkantolo intombazane,14, 'efake' usana e-toilet 

“Isiphoxile induna yethu ebesiyihlonipha ukuthi isingadlwengula ingane yayo! Ngihlale ngizwa ngezigameko zokudlwengulwa kwezingane kodwa bengingazitsheli ukuthi indoda efana no…ingenza into efana nale,”  kusho umthombo.

Uthi kunezinsolo eziqinile zokuthi induna ibingaqali ukugila lo mkhuba endodakazini yayo njengoba odokotela abayihlolile bethole ukuthi isiyonakele kakhulu.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uColonel Thembeka Mbele, usiqinisekisile isigameko washo ukuthi umsolwa ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela wavela enkantolo kodwa wadedelwa ngebheyili.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...