Indida ngelomndeni owathola 'isidumbu esihambisana namathambo angaziwa'

2017-12-15 12:32

Durban - Ubize isigubhukane isigcawu sabezindaba uMasipala woBuhlebezwe - ongaphansi kukaMasipala wesiFunda iHarry Gwala - eningizimu yeKwaZulu-Natal, sibizelwa emahhovisi awo, kuyochazwa udaba lwebhizinisi lamakhaza kaMnu Zamo Nxumalo oyimeya yawo.

Kubizwa lesi sigcawu nje, kungenxa yodaba olushicilelwe yiLANGA mayelana nomndeni wakwaMbhele KwaNokweja onikezwe yiZDN Funeral, kaMnu Nxumalo, isidumbu sawo sihambisana namathambo omuntu ongaziwa kulo mndeni, efakwe kuplastiki okuthiwe unezingubo zikamufi - lo mndeni mawufike ekhaya uzishise.

Ubhalonyazi (e-mail) oluthunyelelwe abezindaba - kubalwa nalo ILANGA - ibinophawu lukamasipala futhi kubhalwe ukuthi ikhishwe yihhovisi lemenenja kamasipala, kubizwa izintatheli ukuba ziyocaciselwa ngalolu daba lwamakhaza.

Ubhalonyazi beluthi umhlangano uzokuba seBuhlebezwe Municipality Main Boardroom ngehora le-10. Ngokuthola kweLANGA ngelunga lomndeni wakwaMbhele, uNkk Bakhulumile Mbhele, othintwe yiLANGA esevutha engasafuni nokukhuluma nalo, indodakazi yakhe uLindiwe Mbhele okuyiyona ebithintwe yiLANGA ilanda ngalolu daba, ilandwe yikhansela ekuseni ngovivi limbizela kulesi sigcawu.

“Kangisafuni kukhuluma lutho mina ngale nto, ngikhuluma nje uLindiwe uthathwe yikhansela la kuthiwa makayochazela imeya ngalolu daba. Maqede nina kanisayi nakulowo mhlangano. Umthetho wenu nihlekisa ngathi ngoba savelelwa yilo mshophi. Kangisafune kukhuluma lutho mina, ngiyekeni," kusho uNkk Mbhele obevutha washo evala ucingo.

OLUNYE UDABA: Uvuke emakhazeni kwatatazela izisebenzi

Ethintwa uMnu Nxumalo ukuzwa obekudingidwa esigcawini sabezindaba, uthe ngeke alichazele ILANGA obekukhulunywa khona, malibheke udaba kwamanye amaphepha - libheke kwaze kwanqundeka amehlo kwamanye amaphephandaba kanti lithole ukuthi imithombo emikhulu yabezindaba kayilubhadanga lapho.

Ibuzwa ukuthi kungani kubizwe isigcawu emahhovisi kamasipala ekubeni udaba beluthinta ibhizinisi layo eliseceleni lamakhaza, ijikijele umbuzo kuleli phephandaba ibuza ukuthi isihloko sodaba besingasho yini ukuthi: Ezishaqisayo ngamakhaza emeya yaKwaZulu-Natal.

“Esithombeni sami enisibhadlaze phambili ephepheni bengingagqokile yini isikibha se-ANC? Beningeke yini nifake esinye isithombe ngigqoke ezinye izimpahla?” kusho uMnu Nxumalo.

Uthi iphephandaba libhale okungesilona iqiniso. Uma ebuzwa ukuthi uma kungesilona iqiniso okubhalwe yiLANGA kungani engakhonondanga kuMhleli wephephandaba njengokwenqubo. Uthe kakukhombisi ukuthi umhleli ukhona kuleli phephandaba.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uMnu Msawakhe Mayisela, uthi udaba oluphume eLANGENI bese lufikile kubona okwamanje basalufakela izibuko.

"Uma sesiwutholile umnyombo walo, sizokhipha isinqumo. Thina njengomnyango obhekelele ukusebenza komasipala, okumqoka kithina wukuthi omasipala besebenzele abantu futhi sizoqikelela ukuthi lokhu kuyenzeka zikhathi zonke," kusho uMnu Mayisela.

Kuzokhumbuleka ukuthi odabeni olwedlule uMnu Nxumalo ongusihlalo we-African National Congress (ANC) eHarry Gwala Region, usabise ngokunyomula izikhangiso zikaMasipala woBuhlebezwe nabanye omasipala abangomakhelwane bowakhe uma leli phephandaba liqhubeka nokuloba lolu daba. Uze walibekela nomnqamulajuqu kaMasingana (Januwari).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...